Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uhlinzwe okwesilwane, wakhishwa izitho zomzimba ‘ocele ugwayi ngesankahlu’

Uhlinzwe okwesilwane, wakhishwa izitho zomzimba ‘ocele ugwayi ngesankahlu’

by | 10 September 2025


KUSABATSHAZWA umhlola ngogwayi okhiphe isidumbu eMhlathuzana, eShowe. Kubikwa ukuthi owesilisa uzidonsele amanzi ngomsele ngokucela ugwayi. Uhlinzwe okwesilwane, wanqunywa intamo, wakhishwa izitho zomzimba.

Ngokuthola kweLANGA, uMnu Sbusiso “Bhoqo” Nduli (43), unqunywe ngomunye wesilisa emuva kokuba ecele ugwayi. Kubikwa ukuthi uNduli unqunyelwe endlini yakhe, kubo ebusuku ngeSonto.

Ubesuka komunye umuzi osendaweni, okuthiwa bekuhlatshiwe kuwona kwenziwe umsebenzi, kubuswa. Kuthiwa umufi obengcwatshwa izolo ngeSonto, ufike kubo ephelezelwa ngumsolwa ngoba ubesekhothile, wafika wamenza isilo sengubo. Umndeni kawukwazanga ukusheshe uzwe ukuthi kukhona umonakalo owenzekayo.

Ilungu lomndeni elikhulume neLANGA, uMnu Sandile Nduli, lithi basashaqekile ngokwenzekile. Uthe umsolwa usafunda uGrade 10 eNjingili High School.

“Uma esechaza (umsolwa), uthi owakithi ubecele ugwayi kuyena ngesankahlu wabe esedinwa, wahamba wayovula ekhishini (kubo kwamufi), wathatha imimese emithathu wamhlinza ngayo. Ngesikhathi emlethe ekhaya esexakwe wuphuzo, ubekhona ugogo, ubabonile befika bengena endlini. Ufike wavula endlini wamngenisa, bahlala isikhashana. Ugogo umfice endlini ekhishini, esegeza izandla zinegazi.

“Uma ebuza ukuthi ngelani igazi, wangazithola izimpendulo, waphuma wahamba umfana esezifihle ngejakhethi. Ugogo uma eyobheka endlini abenge-niswa kuyona uSbusiso, ufike sekonakele,” kusho uNduli.

Intatheli yaleli phephandaba isibonile isithombe sesigameko sikhombisa amathumbu ephumele ngaphandle, isitho sangaphambili sinqunyiwe, nomqala unqunyiwe. Umakhelwane okhulume naleli phephandaba, akawuvali umlomo ngalesi sigameko – uthi basashaqekile. Omunye umthombo uthi kubadumazile okwenzekile.

“Simangele ukuthi kungani emnqume nesitho sangasese. Besisola ukuthi mhlawumbe ukubulawa kwakhe bekunenhloso yokudayiswa kwezicubu zakhe, kodwa zitholakele,” kusho umthombo.

Kuthiwa umsolwa uthe kumcasule kakhulu ukucelwa ugwayi wakhe. Kuvela ukuthi umsolwa uzinikele emaphoyiseni. Imizamo yokuthola okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda, uthunyelelwe imibuzo nge-email nakuWhatsApp mayelana nalolu daba, kodwa akazange ayiphendule kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...