Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ithole udilakajele inkabi eyabulala owesifazane ithunywe umnakwabo

Ithole udilakajele inkabi eyabulala owesifazane ithunywe umnakwabo

by | 20 February 2025

IGIXABEZWE ngodilikajele neminyaka ewu-30 ngaphezulu inkabi elahlwe yicala lokubulala owesifazane owayegudluzwa ngumnakwabo esithenjini.

ULucky Khishwangaye Mthiyane (37) ubevele eNkantolo eNkulu yaseMthunzini ngoLwesine, lapho egwetshelwe khona amacala amane okungelokubamba inkunzi kuhlonyiwe, elokubulala uNkk Thulisiwe Mthethwa ngomyalelo kaZoliswa Jane Mthethwa owayegane indoda eyodwa nomufi, nelokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okwasetshenziswa ngesikhathi kubulawa umufi.

UZoliswa walivuma icala ngasekupheleni konyaka owedlule, waveza ukuthi wagajwa isikhwele nomona ngoba umyeni wakhe wayesechitha isikhathi esiningi nomufi kunaye.

Watshela inkantolo ukuthi wabe eseqasha uMthiyane ngo-R25 000, wamnika nesibhamu ayesebe kwindodana yakhe angayizali ayezosisebenzisa uma esebulala umufi.

Wagwetshwa iminyaka ewu-25.

Enkantolo, ijaji uMahendra Chetty uveze ukuthi uMthiyane uhlulekile ukuhlinzeka inkantolo ngezizathu ezibambekayo, wabe esemgweba iminyaka ewu-15 ngelokubamba inkunzi, udilikajele kwelokubulala newu-15 kwelokutholakala nesibhamu nezinhlamvu.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...