Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ithole udilakajele inkabi eyabulala owesifazane ithunywe umnakwabo

Ithole udilakajele inkabi eyabulala owesifazane ithunywe umnakwabo

by | 20 February 2025

IGIXABEZWE ngodilikajele neminyaka ewu-30 ngaphezulu inkabi elahlwe yicala lokubulala owesifazane owayegudluzwa ngumnakwabo esithenjini.

ULucky Khishwangaye Mthiyane (37) ubevele eNkantolo eNkulu yaseMthunzini ngoLwesine, lapho egwetshelwe khona amacala amane okungelokubamba inkunzi kuhlonyiwe, elokubulala uNkk Thulisiwe Mthethwa ngomyalelo kaZoliswa Jane Mthethwa owayegane indoda eyodwa nomufi, nelokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okwasetshenziswa ngesikhathi kubulawa umufi.

UZoliswa walivuma icala ngasekupheleni konyaka owedlule, waveza ukuthi wagajwa isikhwele nomona ngoba umyeni wakhe wayesechitha isikhathi esiningi nomufi kunaye.

Watshela inkantolo ukuthi wabe eseqasha uMthiyane ngo-R25 000, wamnika nesibhamu ayesebe kwindodana yakhe angayizali ayezosisebenzisa uma esebulala umufi.

Wagwetshwa iminyaka ewu-25.

Enkantolo, ijaji uMahendra Chetty uveze ukuthi uMthiyane uhlulekile ukuhlinzeka inkantolo ngezizathu ezibambekayo, wabe esemgweba iminyaka ewu-15 ngelokubamba inkunzi, udilikajele kwelokubulala newu-15 kwelokutholakala nesibhamu nezinhlamvu.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...