Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 IBay FC nethemba lokuvuka ngeChiefs

IBay FC nethemba lokuvuka ngeChiefs

by | 26 November 2024

SENZO SOKHELA

UMGADLI weRichards Bay uthi bafuna ukwenza iKaizer Chiefs isitebhisi sokusuka kule ndawo embi abahleli kuyona kwi-log yeBetway Premiership.
La makilabhu azotholana koweligi kusasa ngoLwesithathu ngo-19h30 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
IBay kayenzi kahle emidlalweni yeligi njengoba kwewu-7 isanqobe owodwa.
Ilele endaweni ka-12 ngamaphuzu amahlanu.
USomila Ntsundwana ongumgadli weBay, uthi bafuna ukwenza iChiefs isitebhisi sokusuka kule ndawo abahleli kuyona abangayithandi.
“Uma uya emdlalweni onjengalona kawudingi ukuba sefomini, konke kuyazenzakalela.
Kodwa-ke thina sifuna ukuhlala endaweni engcono kwiligi okusho ukuthi kufanele siye kulo mdlalo weChiefs sihlomile ukuze siyinqobe ukusuka kule ndawo engeyinhle esihleli kuyona,” esho.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...