Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 IBay FC nethemba lokuvuka ngeChiefs

IBay FC nethemba lokuvuka ngeChiefs

by | 26 November 2024

SENZO SOKHELA

UMGADLI weRichards Bay uthi bafuna ukwenza iKaizer Chiefs isitebhisi sokusuka kule ndawo embi abahleli kuyona kwi-log yeBetway Premiership.
La makilabhu azotholana koweligi kusasa ngoLwesithathu ngo-19h30 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
IBay kayenzi kahle emidlalweni yeligi njengoba kwewu-7 isanqobe owodwa.
Ilele endaweni ka-12 ngamaphuzu amahlanu.
USomila Ntsundwana ongumgadli weBay, uthi bafuna ukwenza iChiefs isitebhisi sokusuka kule ndawo abahleli kuyona abangayithandi.
“Uma uya emdlalweni onjengalona kawudingi ukuba sefomini, konke kuyazenzakalela.
Kodwa-ke thina sifuna ukuhlala endaweni engcono kwiligi okusho ukuthi kufanele siye kulo mdlalo weChiefs sihlomile ukuze siyinqobe ukusuka kule ndawo engeyinhle esihleli kuyona,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...