Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kuthiwa isifana nento engekho i-Athletics SA

Kuthiwa isifana nento engekho i-Athletics SA

by | 11 March 2025

KUVELA izindaba ezishaqisayo nge-Athletics South Africa (ASA) njengoba kuthiwa kayisabhalisiwe ngaphansi kweCompanies and Intellectual Property Commission (CIPC). Kuthiwa isifana nento engekho ngemuva kokuba iCIPC isiyikhiphile ngaphansi kwayo.


I-ASA, okuyinhlangano ephethe ezokugijima eNingizimu Afrika, kuthiwa ikhishwe mhla ka-5 kuFebruary kulo nyaka kwiCIPC ngenxa yokungayilandeli imigomo kahulumeni. ILANGA linayo incwadi ephuma kwiCIPC eqinisekisayo ukuthi i-ASA isifana nento engekho.


Kuthiwa selokhu yakhishwa kwiCIPC, i-ASA kayikaze ithi vu ngalolu daba. Kuthiwa okwenza ukuba inkampani ikhishwe ngaphansi kweCIPC kokunye kusuke ingayilandelanga imigomo yomqoqintela (SARS) isikhathi eside.

Le nhlangano okuzokuthi ngoLwesithathu isingathe imidlalo ye-Athletics Grand Prix isifana nento engekho, okuyinto ethathwa ngokuba wubudedengu kabaphathi be-ASA eholwa nguJames Moloi.

Kwenzeka lokhu nje, kuzokuthi ngoMay le nhlangano ibe nokhetho lokuqoka abaholi abasha. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi kungena uMoloi, ekhipha u-Aleck Skhosana ngo-2021, akubanga ngisho elilodwa ilungu eliphuma KwaZulu-Natal kule nhlangano.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...