Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 UTau useqalile ukujima neSundowns

UTau useqalile ukujima neSundowns

by | 10 November 2026

KULINDELEKE akhuze ibuya kwiMamelodi Sundowns uPercy Tau owayishiya kumasizini awu-9 adlule ethathwe iBrighton & Hove Albion edlala kwi-English Premier League (EPL) e-England.

Ukhuza ibuya nje, ugcine ukuba semabhukwini eThep Xahn Nam Dinh FC yaseVietnam. Leli nxele elineminyaka ewu-32 ubudala lifika nesipiliyoni esiningi kwiSundowns njengoba linqobe izicoco ezintathu zeCaf Champions League, nezimbili zeCaf Super Cup ne-Al Ahly yase-Egypt.

Umthombo okomkhulu leSundowns, eChloorkop, uthe uTau ufikile ngoLwesibili ejimini.

“UPercy uqale wajima yedwa amasonto amabili namuhla (ngoLwesibili) uqale ukujima neqembu lonke. Unobudlelwano obuhle nabaphathi beqembu. Wonke umuntu uyazi ukuthi wahamba eyenzeleni ikilabhu. Indaba yeminyaka kasiyinaki ngoba siyazi ukuthi uma engena enkundleni, uzogila izimanga,” kusho umthombo.

Eyokubuyela enkundleni idale isasasa ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi umqeqeshi weBafana Bafana uPitso “Jingles” Mosimane enameka umbhalo ekhasini likaTau ku-Instagram lapho kuvela lo mdlali ejima yedwa wathi, “The Return!!”.

Sekuke kwavela neyokuthi kunamakilabhu ase-Egypt amfunayo kodwa kubukeka ekhethe ukuzogugela ngakubo lo mdlali odabuka eMpumalanga.

UTau ufike isimo simapeketwane ekhempini njengoba iDowns idliwe emidlalweni emqoka. Iqale yakhishwa kwiChampions League obekulindeleke ukuba iyivikele kanti ngeSonto iphendulwe izingane ezincane idliwela ekhaya yi-USM Alger yase-Algeria ngo-3-1 kwiCaf Super Cup eLoftus Versfeld Stadium.

Lokhu kakwehlanga kahle kubalandeli bayo ababonakale bethuka umqeqeshi uMiguel Cardoso bethi makaqoqe amasaka akhe abuyele ePortugal. UTau ungumdlali wesibili ukushaya ibuya kwiDowns kule sizini njengoba ekuqaleni kwayo yamukele uCassius Mailula.

Ezisematheni

Liyaqala ukuqulwa elokubulawa kukaMagaqa

Liyaqala ukuqulwa elokubulawa kukaMagaqa

LIYAQALA ukuqulwa ngoMsombuluko eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu icala lokubulala elibhekene nabesilisa abathathu abasolwa ngokubulawa kowayenguNobhala wentsha ye-ANC, uMnu Sindiso Jethro Magaqa ngo-2017. Abasolwa uMnu Mbulelo Mpofana, uMnu Sbonelo Myeza noMnu...

Usedayisa amaswidi ‘adambisa izifo’ obengumsakazi woKhozi FM

Usedayisa amaswidi ‘adambisa izifo’ obengumsakazi woKhozi FM

UGONYULUKA ngobunzima abhekane nabo ngemuva kokuxoshwa oKhozini FM, uSbu Buthelezi (osesithombeni), osengene kwelinye ibhizinisi lokudayisa amaswidi athi, asiza ekulweni nezifo ezahlukene. UButhelezi waxoshwa eminyakeni emihlanu edlule kulo msakazo ayeyisilomo kuwo...

‘Uzame ukuzibulala’ olindeleke kwekaMadlanga

‘Uzame ukuzibulala’ olindeleke kwekaMadlanga

Uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokuzama ukuziyisa kwagoqanyawo umphenyi we-IDAC osamisiwe emsebenzini uMnu Dylan Perumal. Ngokwemibiko esabalele, kwembulwa kwembeswa kuPerumal esibhedlela saKugompo ngemuva kokugwinya amaphilisi ngokweqile. Kubikwa ukuthi uPerumal...