Ilanga News
Home 9 Featured 9 Badedelwe ngebheyili abe-EFF abasolwa ngokucekela phansi impahla

Badedelwe ngebheyili abe-EFF abasolwa ngokucekela phansi impahla

by | 29 January 2025

ADEDELWE ngebheyili yiNkantolo yeMantshi yase-Richards’ Bay amalungu amahlanu e-EFF okubalwa kuwo nosihlalo waleli qembu esifundazweni uMnu Mongezi Thwala.

Lawa malungu okungo-Mnu Sabelo Khubisa, Simphiwe Ndlela, Simo Gumede, Vusimuzi Cele no-Thwala badedelwe ngebheyili ka-R5000 umuntu ngamunye emacaleni okucekela phansi impahla kamasipala waseMhlathuze kanye nokushaya ngenhloso yokulimaza.

Lokhu kwenzeka ngeledlule ngesikhathi amalungu e-EFF egasela emahhovisi alomasipala efuna kukhiswe ohlwini lwamakhansela omkhandlu amakhansela aleliqembu amathathu abathi bawaxosha.

I-EFF ithi lawa makhansela axoshwa ngemuva kokuhluleka ukugcwalisa amabhasi amalungu ayezohambela omunye wemicimbi kaZwelonke yeqembu, iwasola nangokudla imali yabakhokhi bentela isebenzisa igama le qembu ekubeni axoshwa.

UThwala nalaba abahlanu kulindeleke ukuba babuyele kuyo lenkantolo ngomhlaka 4 ku-March.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...