
UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze bathwala kanzima ukuhlela lo mcimbi, engasekho emhlabeni.
ULaMbokazi Nkambule udlule emhlabeni eminyakeni emibili eyedlule. UNkambule uvumile ukuthi akubangalula ukuhlela lo mcimbi, emuva kokushona komkakhe.
Ekhuluma emcimbini wokubungaza abake banqoba kumaCrown Gospel Awards, ngoMsombuluko emahhovisi eCebolethu Funerals, eMorningside uthe okwenze bathwala kanzima ukuhlela lo mcimbi, wukuthi uLaMbokazi Nkambule ubengumuntu oyedwa kwabayishumi.
UNkambule uthe ukubambisana neCebolethu ekuhleleni umcimbi walo nyaka, kuzobuyisa izinsuku zenjabulo. Uveze ukuthi okumjabulisa kakhulu wukuthi umnikazi weCebolethu uNkk Nomfundo Mcoyi-Zondo, ubengumngani omkhulu kaLaMbokazi-Nkambule, okusho khona ukuthi banombono ofanayo.
UNkambule ubonge abaculi be-gospel ngokuqhubeka nokweseka lo mcimbi noma engasekho uLaMbokazi Nkambule, wabathembisa ukuthi bazoqhubeka nokubahlonipha nokuqinisekisa ukuthi bayathuthuka ngokuhlomula izindondo.
“Sifuna ukwenza into yamehlo kulo nyaka, kungcono ngoba abantu abaningi bayazi ukuthi uma Icebolethu lenza into yalo, izinga lihlale liphezulu. Kanti nathi sinombono ofanayo wokulinyusa njalo izinga,” esho.
Ngenyanga eyedlule kumenyezelwe ubudlelwano bokusebenzisana phakathi kweCebolethu neCrown Gospel Awards. UNkambule uthe kuningi abasazokumemezela ukwandulela lo mcimbi ozoba ngomhla ka-15 kuNovember nonyaka.







