Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

by | 6 September 2026

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule.

UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze bathwala kanzima ukuhlela lo mcimbi, engasekho emhlabeni.

ULaMbokazi Nkambule udlule emhlabeni eminyakeni emibili eyedlule. UNkambule uvumile ukuthi akubangalula ukuhlela lo mcimbi, emuva kokushona komkakhe.

Ekhuluma emcimbini wokubungaza abake banqoba kumaCrown Gospel Awards, ngoMsombuluko emahhovisi eCebolethu Funerals, eMorningside uthe okwenze bathwala kanzima ukuhlela lo mcimbi, wukuthi uLaMbokazi Nkambule ubengumuntu oyedwa kwabayishumi.

UNkambule uthe ukubambisana neCebolethu ekuhleleni umcimbi walo nyaka, kuzobuyisa izinsuku zenjabulo. Uveze ukuthi okumjabulisa kakhulu wukuthi umnikazi weCebolethu uNkk Nomfundo Mcoyi-Zondo, ubengumngani omkhulu kaLaMbokazi-Nkambule, okusho khona ukuthi banombono ofanayo.

UNkambule ubonge abaculi be-gospel ngokuqhubeka nokweseka lo mcimbi noma engasekho uLaMbokazi Nkambule, wabathembisa ukuthi bazoqhubeka nokubahlonipha nokuqinisekisa ukuthi bayathuthuka ngokuhlomula izindondo.

“Sifuna ukwenza into yamehlo kulo nyaka, kungcono ngoba abantu abaningi bayazi ukuthi uma Icebolethu lenza into yalo, izinga lihlale liphezulu. Kanti nathi sinombono ofanayo wokulinyusa njalo izinga,” esho.

Ngenyanga eyedlule kumenyezelwe ubudlelwano bokusebenzisana phakathi kweCebolethu neCrown Gospel Awards. UNkambule uthe kuningi abasazokumemezela ukwandulela lo mcimbi ozoba ngomhla ka-15 kuNovember nonyaka.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...