Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uthwele kanzima umndeni wowamuka nomfula, ongakatholakali

Uthwele kanzima umndeni wowamuka nomfula, ongakatholakali

by | 18 March 2026

NGUMNU Nkosinathi Mweli, isidumbu sakhe esingakatholakali.

KUSENZIMA emndenini wowesilisa ongakatholakali kwabayisithupha abamuke nomfula kuphonseka imoto abebehamba ngayo emfuleni ngeledlule eMabovini, eMsinga. Umndeni kaMnu Nkosinathi Mweli (43), uthi ukhathazekile, futhi uzwa ubuhlungu ngokuphindiwe njengoba engatholakali, kanti ayemuke nabo bazongcwatshwa ngoMgqibelo.

Exoxa neLANGA udadewabo kaMweli, uNkz Thobile Mweli, uthe sebehlala behla benyuka nemifula, befuna umfowabo, kodwa lutho ukumthola.

“Esigcine sikutholile nje wumakhalekhukhwini wakhe, amateku nembazo ayesebenza ngayo, yena akatholakali. Sivuka sibheke zonke izinsuku, kasimtholi. Sesikwamukele ukuthi yena akasekho njengoba sithole impahla yakhe.

 “Okusikhathaza kakhulu wukungatholakali kwesidumbu sakhe. Umasipala waseMsinga uhlala unathi, usilekelela simthungatha, kodwa sicela babuyise izinja zamaphoyisa, mhlambe yizona ezingakwazi ukumthola. Ngesikhathi besanda kumuka, bafika nayo inja ukuthungatha umkhondo, kodwa umnikazi wayo wathi isikhathele, ibingakabuyi-ke enye ezosilekelela,” kusho uNkz Mweli.

UMnu Mandlenkosi Malinga owashonelwa ngunina wezingane zakhe, uNkz Nokwazi Ndlovu (28) kule ngozi, uzwakalise ukukhathazeka ngokungangcwabi njengoba sekunesikhathi beshonelwe.

“Abakwamasipala basitshele ukuthi sizoze singcwabe kanye kanye, sekutholakele nalo osathungathwa. Kuyasikhathaza lokhu ngoba abantu bethu bahleli emakhazeni kahulumeni angabandi kakhulu, kuzokonakala izidumbu. Umoya wami kawusemnandi neze ngokwenzekayo,” kusho uMalinga.

Imeya kuMasipala waseMsinga, uDkt Felinkosi Sikhakhane, ithe kabavinjiwe ukuthi bangcwabe abashonelwe uma kukhona onawo amandla okuzingcwabela.

“Esikutholile emindenini wukuthi iningi labo kabanawo umasingcwabisane, uyedwa kuphela obenawo. Besisaqoqa yonke imininingwane ukuze kuphume nezitifiketi zokushona. Nosuku okumele kufihlwe ngalo, imindeni ibihlukene phakathi, ifuna ukufihla ngezinsuku ezingefani.
   “Sicele ukuthi kube wusuku olulodwa ukuze sikwazi ukulekelela, kwagcina kuvunyelwene ngokuthi kungcwatshwe ngoMgqibelo. Sihlele ukuthi sibaxhase ngetende elikhulu okuzoba kulona umlindelo, ukulungisa imigwaqo engena emakhaya abo ngoba kwamanye kakungeneki, amanzi namabhokisi omngcwabo njengoba becelile. 

“Okwenza singakuqinisekisi konke ngesikhathi, wukuthi sisebenzisana nomasipala wesifunda nohulumeni waKwaZulu-Natal. Sisalinde ukuzwa kwabangalekelela ngakho ukuze singaxhasi ngezinto ezifanayo,” kusho uSikhakhane.  

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...