Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ubabaza izinkundla zokuxhumana umculi oqophe umlando

Ubabaza izinkundla zokuxhumana umculi oqophe umlando

by | 11 February 2025

UBABAZA amandla ezinkundla zokuxhumana ezimenze waba ngomunye wabaculi asebenegama emculweni uNontokozo Mkhize osanda kuqopha umlando ngokuba nengoma edlalwe kakhulu ezinkundleni zokusabalalisa umculo emhlabeni.

UNontokozo uqophe lo mlando ngengoma yakhe esihloko sithi Esandleni esiphenduke iculo lesizwe njalo uma kukhona osedlule emhlabeni ikakhuluka kwi-Tik Tok. Muva nje le ngoma ihamba phambili kuyona iTik Tok uma abantu bekhombisa ukuthi balamana kanjani.

Le ntokazi yaseNanda ikhulume neLANGA mayelana nohambo lwayo emculweni njengoba iqhakambise izinkundla zokuxhumana njengezidlale indima emqoka ukubeka emehlweni abantu nokugqamisa umculo ithalente lami. “Ukungena kwami emculweni ngaqala ngicula kuzona izinkundla zokuxhumana ngase ngibonwa wumdidiyeli wezingoma zikaNomfundo Moh nokuyilapho axhumana nami mayelana nokungifaka estdio,” utsho kanje. Uthi kusukela lapho akabange esabheka emuva. Uthe ngesikhathi engena emculweni wayengafuni ukugqama njengomculi we-gospel ngenxa yokuthi wayezibona ezovaleleka angakwazi ukusabalala.

“Kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngibone ukuthi ungakwazi ukucula noma yiluphi uhlobo lomculo ube uqhakambisa amandla kaNkulunkulu,” kusho uNontokozo. Useke wasebenza nezinhlobo ezahlukene zabaculi okubalwa kubo uSjava, Nomfundo Moh, Dumi Mkokstad, Kelvin Momo, Morda, Naima Kay, Mondli Ngcobo nabanye. Uzakhele udumo ngezingoma zakhe okubalwa kuzo Moyongcwele okuyiyona ayicula ngesikhathi kunomcimbi weMetro FM Awards, eMombela ngonyaka owedlule.

Kulo mcimbi wagoduka nendondo yeBest Newcomer. Ngonyaka owedlule udedele esihloko sithi Esandleni nokuyiyona aqophe umlando ngayo ehlwitha lesi sicoco kwisihlabani saphesheya kwezilwandle u-Adele. Uthe uzizwa ethobekile ukuthi umculo wakhe uyaqhubeka nokusabalala futhi unesifiso sokuthi ukwazi nokungenisa kwamanye amazwe. “Udumo ngiluyisa kuNkulunkulu ngethalente angiphe lona esengikwazi nokuqhakambisa amandla akhe,” echaza. Le ntokazi ingudadewabo omdala ka-Aphiwe Naledi ongumculi osemncane oke waba sematheni ehlanganyela ingoma nesihlabani saphesheya kwezilwandle uChris Brown.

UNontokozo uveze ukuthi bebengakakuhleli ukuhlangana benze ingoma ndawonye nodadewabo naye osanda kukhipha ingoma sithi Romeo And Jiliet ngokuhlanganyela noMawelele eyenza kahle ezinkundleni zokuthengiswa komculo. “Engingakusho wukuthi kuningi okusenzeka empilweni zethu nasemculweni uma isikhathi sesifanele kuzokwenzeka,” esho. Uphethe ngokuveza ukuthi kuyamjabulisa ukubona abantu bamukela umculo wakhe ngake ndlela futhi uyakhuthazeka ukuba aqhubeke nokwenza izingoma ezizojabulisa abantu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...