Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Abameli bachitha incazelo yemantshi esolwa ngokusebenzisa i-AI

Abameli bachitha incazelo yemantshi esolwa ngokusebenzisa i-AI

by | 3 September 2025

IMANTSHI esolwa “ngokubhacaza” ngesinqumo esalahla ngecala owayesikhulu samaphoyisa aseBhekithemba, eMlazi, uMnu Khephu Ndlovu (osesithombeni), nabane aboshwe nabo, izithethelela ngokuthi iphutha lenzeka kwindodana yayo eyalekelela ngokubhala ngomshini (typing) leso sinqumo.

Imantshi uMnu Muntukayise Khumalo yaseNkantolo yesiFunda ePinetown, isenkingeni njengoba abameli babamangalelwa befuna ukuba ihoxe kuleli cala, futhi liqalwe phansi. Bayisola ngokuthi yasebenzisa ithuluzi lezobuchwepheshe i-Artificial Intelligence (AI), ngesikhathi ibalahla ngecala elithinta ukugwazelwa kukaNdlovu ngo-R120 000, njengoba izibonelo zamacala amathathu ezasetshenziswa ngesikhathi ikhipha isinqumo, zingatholakali kwizi-gcinamlando zomthetho zakuleli.

Kuthiwa le mali kwakungeyokuphazamisa ubufakazi ecaleni lokubulala elibhekene nomunye wabasolwa kuleli cala, uFelokwakhe Ndlovu, owayeyinduna yakwaNdengezi, odonsa isigwebo sikadilikajele kulo leli cala okwakumele liphazanyiswe.

NgoLwesine kuqhubekile ukulalelwa kwecala elifakwe nguNdlovu nabanye abathathu, okunguBonginkosi Dlamini, uSibongile Ndlovu noLindokuhle Mbonambi, sokuba ihoxe iMantshi uKhumalo ekwengameleni leli cala.

NgoLwesine, abameli babammangalelwa uMnu John Paul Broster noMnu Andrew Matlamela, bayichithile incazelo yemantshi okuthiwa yayethula ngomhla ka-3 kuNtulikazi (July), nonyaka, yokuthi yacela indodana yayo ukuyibhalela ngomshini. Ithe yakwenza ngenxa yobuni-ngi bamacala ayelindele izinqumo. UBroster uthe le ncazelo ishiya imibuzo eminingi.

“Okokuqala nje wukuzibuza ukuthi kanti inkosi yenkantolo kayiwugxilisi yini umqondo wayo ezinqumweni zayo. Nangokwemibiko yenkantolo (transcripts), ukuthi inkosi yenkantolo sayibuza izikhawu noMnu Matlamela ukuthi isamile yini ekutheni isinqumo sayo kasinaphutha.

“Irekhodi lomhla ka-31 kuNdasa (March) nelamhla ka-02 kuNhlangulana (June), liyakucacisa konke lokhu. Okwesibili, wukuthi abamangalelwa bazosithemba yini esinye isinqumo esizokhishwa yinkosi yenkantolo ngemuva kwalesi sigameko? Izethulo zami zithi, sicela inkosi yenkantolo ihoxe kuleli cala, bese kuqalwa phansi ukulalelwa kwalo,” kusho uBroster.

UMatlamela uhambe emazwini kaBroster, wakhala ngokuthatha isikhathi eside sokufika kwencazelo yemantshi. Umshushisi wombuso uMnu Lawrence Gcaba, uzichithile izicelo zabammeli babammangalelwa, waveza ukuthi okulindelekile kuleli cala yisigwebo.

Ummeli kaFelokwakhe, uMnu Lawrence de Klerk, ucele ukuphawula kulolu daba nakuba ikilayenti lakhe lingathinteki. Uthe isinqumo salesi sicelo singesinzima, kodwa imantshi uma seyithatha isinqumo, kumele izifake ezicathulweni zabamangalelwa.

“Kuyenzeka nami ngicele umabhalane, noma inkosikazi yami ingibhalele, kodwa ngenza isiqiniseko sokuthi ngiyafundisisa ngaphambi kokuzokwethula enkantolo. Uma isinqumo semantshi sokungahoxi sidluliselwa phambili, kangingabazi ukuthi amajaji ayobuza umbuzo othi, kasifundisiswanga yini ukuqinisekisa ukuthi kasinamaphutha.

“Kuyomangazake ukuthi kwadlula amaphutha amaningi kangaka, amacala angekho. Sizocela inkosi yenkantolo ikucubungule kahle ukuthathwa kwalesi sinqumo,” esho.

UKhumalo usigodlile isinqumo sakhe, wathembisa ukusethula phakathi nenyanga ezayo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...