
IZINGANE zezikole zaKwaMhlabuyalingana nabazali bathole ithuba eliyingqayizivele ngempelasonto ngesikhathi amaphoyisa eseManguzi nezinhlaka ezahlukene bekhangisa ngemisebenzi eyenziwa emaphoyiseni nakweminye imikhakha.
Lo mcimbi obunesasasa, uthathe izinsuku ezimbili eShayina Multipurpose Centre, eManguzi. Inhloso yawo bekuwufundisa abafundi nentsha ngamathuba ahlukene emaphoyiseni nasemikhakheni eyahlukene. Phakathi kwezinhlaka ebezikhona kubalwa iNational Prosecuting Authority, iDepartment of Justice (uMnyango wezoBulungiswa), neSouth African Police Service, ukukha nje phezulu.
Emkhakheni wezamaphoyisa bekukhona izinhlaka ezahlukene okubalwa oKlebe (Hawks), abeTactical Response Team (TRT), abeForensic Explosives, abe-Internal Audit, abeStock Theft neminye. Ziwu-32 izikole ebezikhona.
Lo mcimbi ubuhanjelwe nangabaholi boMkhandlu uMkhanyakude, ubuholi bukaMasipala uMhlabuyalingana nezikhulu zamaphoyisa. UMnu Xolani Zikhali, ongusihlalo weCommunity Police Forum eMkhanyakude, uthe inhlosongqangi yalo mcimbi wukuqinisa imizamo yokulwa nobugebengu, nokucijwa kwentsha ukuze yazi ukuthi miningi imisebenzi engayenza uma iqeda umatikuletsheni.
“Lo mcimbi bekungokokuqala siwenza lapha kanti isifiso sethu ukuthi ube khona minyaka yonke. Njengoba siwuhlaka olulwa nobugebengu emphakathini, siyaye sisebenze eduzane namaphoyisa. Sihlale sishumayela ivangeli lokuthi intsha iziqhelelanise nobugebengu. Sinethemba lokuthi izingane zibonile ukuthi ukuba yiphoyisa akusho ukuphatha isibhamu nje kuphela kodwa kukhona eminye imisebenzi engayenza.
“Ukuba khona kweNPA nakho kuzigqugquzele kakhulu izingane ngoba kuningi ezikufundile, nabazali bafundisiwe ngale mikhakha. Nabo kumele balekelele izingane uma zithatha izinqumo. Abazali baphakamise ukuba kwakhiwe isiteshi samaphoyisa KwaSkhemelele njengoba okwamanje kunesiwumahamba-nendlwana”.
“Ngithanda ukubonga ebuholini obebukhona, sibonge kuLt-Col Sbusiso Mkhize oqinisekise ukuthi lo mcimbi uba yimpumelelo. Esikucelayo nje wukuthi wenziwe minyaka yonke, bese kuthi abafundi abenza uGrade 11 nabo babe yingxenye kulokhu okuzayo,” esho.
skhom@ilanganews.co.za







