Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Uvuselela uthando lwe-deep house oweHouse on Fire

Uvuselela uthando lwe-deep house oweHouse on Fire

by | 12 December 2025

UHLOSE ukuvuselela uthando lomculo wohlobo lwe-deep house umcimbi ohambisana nomzungezo obizwa ngeHouse On Fire ozobanjelwa e-85 On Morrison eThekwini ngomhla ka-20 kwephezulu.

Lo mcimbi ohlelwa inkampani ebizwa ngeHouse On Fire uzobe uqala ukwenzelewa eThekwini njengoba kusukela waqala ngo-2023 ubulokhu wenzelwa eRichards Bay.

neLANGA u-Amenisto ongomunye woDJ abayingxenye yokuhlelwa kwalo mcimbi uthe balindele ukwesekwa okufanayo abebekuthola eRichards Bay ngalo mcimbi ikakhulukazi njengoba igqoza imcimbi egxile emculweni we-deep house.

“Siyazi eThekwini izindawo eziningi zobumnandi zigxila emculweni we-gqom bese kuthi abathandi be-deep house bavaleleke ngaphandle uma kwenzeka udlalwa lo mculo kuba yisikhathi esincane abantu besafika kuphela,” kusho u-Amenisto eveza ukuthi kulo mcimbi kuzoba kukhala isigubhu se-deep house kusukela uqala kuze kuyovalwa.

Uthe okunye okuhlukile ngalo mculo wukuthi oDJ abazobe benandisa bazobe bedlala ama-vynil nje u kuphela.

“Siyazi ukuthi ukudlala ngale ndlela akusajwayelekile emicimbini ngakho sifuna ukuzwisa abantu into ehlukile abangasajwayele ukuyizwa ngoba ukudlala ama-vynil yilapho iningi loDJ liqale khona,” kusho u-Amenisto ekhuthaza ukuthi kubalulekile ukuthi wonke umuntu owuDJ kumqoka ukuthi akwazi ukudlala ama-vynil njengoba iningi selivamise ukusebenzisa ama-USB.

U-Amenisto uthe amasango alo mcimbi azovulwa ngelesithathu ntambama njengoba kuzoqala kungenwe mahhala ngaphambi kokuthi ngehora lesithupha kungenwe ngemali ewu-R100.

Phakathi kwalabo ababoshelwe kulo mcimbi kubalwa izinkakha zokuklwebha amapuleti uChristos noTerrence abaozobe beshiyelana inkundla nabanye okukhona kubona Cebovynil, Ntukza, Laurentsoul nabanye.

Uveze ukuthi ngemuva komcimbi waseThekwini bazoqhubeka nomzungezo wokuhambela namanye amadolobha okubalwa kuwo, iPietermaritzburg, Ladysmith, Newcastle, Dundee, Vryheid namanye.

Uthe bazothi uma sebephothulile lo mcimbi abantu bakulesi sifundazwe sebeqala ukuwujwayele bese beyawukhipha esifundazweni uhambele amadolobha ezinye izifundazwe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...