Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezamasiko 9 OwoKhozi uzoliqopha emabhukwini omlando olokudlala kokaTamia

OwoKhozi uzoliqopha emabhukwini omlando olokudlala kokaTamia

by | 23 July 2026

UZOLIQOPHA emabhukwini womlando wakhe ithuba eliyingqayizivele alitholile lokubhulela amazolo isihlabani saphesheya kwazilwandle umsakazi woKhozi FM osezakhele udumo ngokudlala izingoma ezipholile ezindaweni zobumandi uSphiwe Sibiya.

USphiwe osakaza uhlelo lwangeSonto olubizwa ngokuthi Ezingasoze Zabuna, ungomunye woDJ abazobhulela amazolo isihlabani saphesheya kwezilwandle uTamia emcimbi wakhe ozoba seThekwini ngomhla ka-7 kuNcwaba (August) eNkosi ALbert Luthuli International Convention Centre.

Lo msakazi ungene oKhozini eminyakeni emibili eyedlule ngemuva kokuhlabana emncintiswaneni wawo obizwa ngeWinnie Mahlangu Presenter Search.

Ekhuluma neLANGA ngokuthola leli thuba uthe uzizwa ejabule kakhulu ngalo futhi uzokwenza isiqiniseko sokuthi uyalisebenzisa ukuze aqhubeke nokuthuthuka kwezokuklwebha amapuleti.

Uthe nakuba eseke wadlala emicimbini eminingi emikhulu eyahlukene kodwa awukho osuke wafinyelela kulona wokudlalela isihlabani saphesheya.

“Lona wumlando engizowuqopha emabhukwini omlando wami. Ngiyabonga kubaphathi bami oKhozini ngokuphakamisa igama lami kanjalo nakubahleli balo mcimbi ngokungamukela uma bezwa ngami,” kusho uSphiwe.

Uthe ngaleli thuba ukusebenza kwakhe ngokuzikhandla nokungagudluki esitayeleni sokudlala kwakhe sekuyaqala ukuvuna izithelo.

“Ngesikhathi ngiqala ukudlala ngo-2019, bakhona ababengitshela ukuthi kumele ngidlale ezinye izinhlobo zomculo kodwa ngenxa yokuthi bengikwazi ebengikufuna nokuhambisana nami ngangashintsha ngagxila kuwona umculo opholile osenhliziyweni yabantu,” kusho yena.

Uqhube ngokuthi konke akwenzayo emsakazweni noma ewu-DJ ubeka abantu phambili ngoba usuke enzela bona.

“Uma ngisemsakazweni umlaleli uyena engimbeka phambili kanti uma ngiwu-DJ abantu abasuke behambele umcimbi ngenza okufanayo ngoba ngisuke ngingadlaleli mina,” esho.

Uthe kuyamthokozisa ukuba izindawo zobumnandi ziqhubeka nokuwudlala umculo opholile ikakhulukazi ngamaSonto nokusho khona ukuthi abantu bayazifela ngomculo othinta izinhliziyo zabo.

Echaza ngohlelo lwakhe alushayela ngamaSonto oKhozini uthe lukhumbuza umlaleli ezamzukwana futhi luba nezihloko ezihambisana naye.

Uthe nakuba singakapheli isikhathi esingakanani elushayela kodwa uyakuthokozela ukulishayela futhi uzizwa ethobekile ngokuba yingxenye yalo msakazo ogabe ngabalaleli angaphezuli kuka-7 million.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...