Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Uxolise washenxa esikhundleni oweBafana “owanenga” abalandeli

Uxolise washenxa esikhundleni oweBafana “owanenga” abalandeli

by | 3 July 2026


USEXOLISILE kubalandeli bebhola likanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika uSinesipho Mali owazwakala kwenye yama-video ethi abantu mabakhulume kodwa bona benza umsebenzi.

Le video eyavela ngemuva kokuqopheka komlando iBafana Bafana ishaya iSouth Korea idlulela esigabeni se-Last 32 koweFIFA World Cup yanenga abaningi abanye bamgxeka ngayo besho nokuthi bekungamele aphawule ngale ndlela.

UMali oyi-Performance Analyst yeBafana Bafana uphumele obala izolo ngoLwesine ohlelweni lwezemidlalo lweMetro FM olushayelwa u-Andile Ncube exolisa ngenkuluma yakhe.

Uthe uyazisola ngale nkulumo futhi uyavuma ukuthi kwakungamele aphawule ngendlela aphuwala ngayo.

Uthe nakuba ezisola ngokukhuluma ngale ndlela kodwa uyakugxeka ukuthi kube khona abamsabisa ngikumyisa kwagoqanyawo nalabo abaqoke ukuhlukumeza nokusabisa unina.

Uthe uyalibona iphutha lakhe futhi uyakuqonda ukuthi ibhola likanobhutshuzwayo linabalandeli abaningi futhi abanemibono ngalo.

Uyakwamukela ukuthi abantu baqhubeke babe nemibono njengoba kuyilungelo labo.

UMali uthe ngemuva kokuzinuka amakhwapha ube eseqoka ukushenxa esikhundleni sakhe sokusebenza neqembu lesizwe.

Uthe ukushenxa kwakhe kulesi sikhundla akusho ukuthi sekuphelile ngaye kwelikanobhusthuzwayo.

Uthe usazoqhubeka nokucathulisa ngolwazi nokufundisa kulo mdlalo njengoba ebenza phambilini.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...