
UKHALE ngokungabibikho kwamaphoyisa agade ezigodlweni zeSilo uMntwana uThulani obengumkhulumeni kaMdlokombane uZwelithini kaBhekuzulu ngesikhathi ephethe uhlelo emcimbini wokubungaza uNdlunkulu Mavis Zungu (Gwabini) obusebandleni lamaSheshi iSt Aidans KwaNgongoma ngoMgqibelo.
Lo mcimbi bekungowokugubha iminyaka ewu-88 uNdlunkulu uGwabini edla anhlamvana.
Ubuhanjelwe yizicukuthwane ezahlukene okubalwa oNdlunkulu bakaMdlokombane uZwelithini kaBhekuzulu uMaNdlovu, uMaMchiza noKaMafu, uNgqongqoshe wezoLimo uNkk Thembeni Madlopha Mthethwa obemele uNdunankulu waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli, abantwana baseNdlunkulu, iNkosi yakwaButhelezi uZuzifa, iMeya yaseMzinyathi uMfu Petros Ngubane nabanye.
UMntwana uThulani ngaphambi kokuthi aphakamise uNkk Madlopha Mthethwa obezokhulumela undunakulu uzwakalise ukukhathazeka ngokungabonwa nangalukhalo kwamaphoyisa ezigodlweni zeSilo uZwelithini kaBhekuzulu.
Ephawula uthe ubefisa ukuthi abekhona uNtuli ukuze wakazi ukuzwakalisa ukukhathazeka kwakhe kuyena njengoba sekunguyena osephethe uMnyango wamaPhoyisa esifundazweni.
“Bengifisa ukukusho lokhu phambi kwakhe uNtuli kodwa ngenxa yokuthi akakwazanga ukufika sengizobika kuwena ungqongqoshe,” esho ebhekise uNkk Madlopha Mthethwa.
UMntwana uThulani uveze ukuthi okwenza akhathazeke wukuthi kuke kwangena isigebengu kwesinye sezigodlo njengoba kwaze kwasiza ukuba khona komfanyana ohlala khona ngaphakathi esigodlweni.
“Bengizomtshela undunankulu ukuthi ngesikhathi sakhe ephethe amaphoyisa izigodlo zasala zinqunu zingadiwe,” kusho uMntwana Thulani.







