
UMAKADEBONA owalwela inkululeko yakuleli zwe, uMnu Mac Maharaj, osekuvele ukuthi wayesohlwini lwabaholi ababezobulawa ngemuva komholi weSouth African Communist Party (SACP), uMnu Chris Hani, uthi akumethusanga okushiwo ngumbulali kaHani.
UMbulali kaHani, uJanus Walusz, usanda kubuyiselwa ezweni lakubo, ePoland, kanti ingxoxo ekhethekile ebenayo ne-eNCA, ngeSonto, iqubule intukuthelo, inzondo, yavusa nezilonda esazaphola kwabanye abantu.
UWalusz, uthe ongqondongqondo ekubulaweni kukaHani, kwakungamalungu ombutho wezokuVikela kuleli, nomholi weConservative Party (CP), owaboshwa naye ngokubulawa kukaHani, uMnu Clive Derby-Lewis.
Uvumile ukuthi wanikwa ngumbutho wezempi isibhamu adubula ngaso uHani, amahlandla amane (4) ngomhla ka-10 ku-April ngo-1993.
UMaharaj, uthi wayazi ukuthi uyalandelwa, bafuna ukumbulala, njengoba wayengomunye wabantu ababeyizithunywa ezingxoxweni zokucaba indlela kuleli.
“Lo muntu ukhombise ukungagqizi-qakala ngokubulala kwakhe uHani. Akasho ukuthi kulabo bombutho wezempi, ngobani eyahlangene nabo, bemthumile ngoba uyasho ukuthi lukhona uqeqesho aluthola kubo. Nokuthi uyasho ukuthi inhloso yabo yokuthi kule nempi yomkhaya (civil war), phakathi kwabamnyama nabamhlophe, yagcina ingafezekanga. Angisibonanga isidingo saleya ngxoxo ekhethekile, ngoba kuningi uWalusz angakudalulanga,” kusho uMaharaj.
Kule ngxoxo ye-eNCA uWalus uveze uMaharaj wayengomunye wababehlelwe ukuthi babulawe uma sekuqediwe ngoHani njengoba abanye abakhona kulolu hlu kubalwa uMnu Joe Slovo, uMnu Nelson Mandela, uMnu Pik Botha nabanye
Uthe ukuba uMnu uNelson Mandela, esenguMengameli we-African National Congress (ANC), akanxusanga abantu bakuleli ukuthi behlise imimoya, babuzochitheka bugayiwe.
menzi.jele@ilanganews.co.za







