
KUTHIWA WASEBENZISA imoto kamfo-wabo ngesikhathi ‘ebulala’ unina
wengane yakhe, maqede wamthengela enye efana nayo, uMnu Thokozani Sgci Mchunu (43), esigamekweni esenzeka ngo-2017, eMgungundlovu. Lokhu kuvele eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, ngoLwesithathu lapho bekuqhubeka khona ukuqulwa kwecala lokubulawa kukaNkz Noluthando Khomo owayeneminyaka ewu-24, eli-bhekene noMchunu nenkosikazi yakhe, uNkk Nomusa Mchunu (39), engummangalelwa wokuqala njengoba kuthiwa yiyo eyayiphambili ekubula-weni kukaNkz Khomo.
Laba bashadikazi babhekene namacala awu-7; amabili okubulala, awokwakha itulo lokubulala, awokuthumba nelokuzama ukubulala.
Kula macala kubalwa elokubulawa kukaNkz Khomo, elokuzama ukubulala indodana yakhe eyayinezinyanga ezintathu izelwe, elokubulala uMnu Sanele Ngcobo, okuthiwa nguye inkabi eyadubula, yabulala uNkz Khomo.
UNkz Khomo wathathwa kubo eHammarsdale, nguNgcobo nenye inkabi eyavuma icala, yagwe-tshwa iminyaka ewu-8, uSimiso Jerome Liphenyana. Kuthiwa bazenza amaphoyisa, babika ukuthi bamfunela icala lenkohlakalo elaliphenywa esiteshini samaphoyisa eBoston, khona eMgungundlovu.
UNkz Khomo wabe esetholakala ebulewe, enenxeba lokudutshu-lwa esifubeni, indoda-na yakhe idubuleke engalweni ngemuva kokuba kusondele ama-lungu omphakathi ehlathini ababeyolahla kulo isidumbu.
ULiphenyana wakwazi ukubaleka, uNgcobo washaywa ngamalungu omphakathi ngapha-mbi kokuba aboshwe.
Kuthiwa wakhululwa ngebheyili, okuyilapho adutshulwa khona, washonela esibhedlela.
Ngokobufakazi osebe-thulwe enkantolo, kuthiwa isibhamu esabulala uNkz Khomo, yisibhamu esisodwa nalesi esabulala uNgcobo.
NgoLwesithathu, kugibele ebhokisini uMnu Bongani Mchunu, ongumfowabo kaSgci, otshele inkantolo ukuthi umfowabo waboleka imoto yakhe yohlobo lweGolf, ngosuku okwenzeka ngalo isigameko.
“Ngafonelwa ngubafo, uThokozani. Sahlangana naye ngaleyo ntambama, sashintshana ngezimoto, wanginika eyakhe. Ngakusasa ngathintwa amaphoyisa, ecela ukuba sihlangane. Abe esengitshe-ngisa isithombe semoto yami, angichazela okwe-nzekile. Ngabe sengibuyela kuye umfowethu, ngimazisa ukuthi bengivakashelwe ngamaphoyisa, wangiyalela ukuba ngiqhubeke nokusebenzisa imoto yakhe,” esho.
Eqhuba, uthi umfowabo wabe eseyithatha ngonyaka olandelayo imoto yakhe maqede wamthe-ngela enye efana nayo ncamashi.
Ngemuva kokuba ethule lobu bufakazi uMchu-nu, uSgci uphakamise isandla, wayalela ummeli wakhe ukuba abuze umfowabo ukuthi le moto akhuluma ngayo ngabe yathengwa ngubani, okuyi-lapho umfowabo etshele khona inkantolo ukuthi uSgci nguyena owayemthengele imoto.
Icala liyaqhubeka namuhla. Kulindeleke ukuba kugibele ebhokisini lofakazi owesifazane okungu-ye owahlaba umkhosi, kwabanjwa nenkabi. Ngesikhathi beboshwa laba abashadile eminyakeni ecela kwemibili edlule babengabasebenzi bomkhandlu waseMsunduzi. USgci wayenguNjiniyela kanti unkosikazi wakhe wayeyi-Librarian.







