Ziqinile ezokuphepha enkantolo yakwaNongoma njengoba kuvela izikhulu zikamasipala

99
YINGXENYE yabaholi bamaqembu ezombusazwe abazokweseka ozakwabo eNkantolo yeMantshi KwaNongoma.

PHUMLANI GAMA

ZIQINILE ezokuphepha ngaphandle nangaphakathi eNkantolo yeMantshi yaKwaNongoma njengoba kulindeleke ukuba kungene icala lezikhulu zikaMasipala waKwaNongoma.

Lo masipala uqophe umlando ongemuhle amaphoyisa ebopha iMeya yawo uMnu Mshangane Ndabandaba, isekela lakhe uMnu Sabelo Nkosi, noNkk Babongiwe Sithole onguSomlomo. Lezi ziphathimandla ziyanyaniswa necala lenkohlakalo yemali elinganiselwa ku-R800 000. 

Lezi zikhulu zishaqwe ngamaphoyisa zisemhlanganweni wesigungu salo mkhandlu (Exco) ngoLwesihlanu.

Ngaphandle nangaphakathi enkantolo kunamalungu emindeni yabasolwa, amalungu omphakathi nabalandeli bamaqembu ezombusazwe. UMasipala waKwaNongoma ubunjwe ngamaqembu ezombusazwe ahlukene. UNdabandaba uyimeya ngethikithi leNFP, uNkosi uyilungu le-EFF kanti uNkk Sithole yena uyilungu le-ANC.

Laba baholi kulindeleke ukuba bafake izicelo zokudedelwa ngebheyili khona namuhla. 

Abaphambili: NGUMNU Sibusiso Mhlongo we-ANC nogalagala lommeli, u-Adv Shaun Abrahams.
Previous articleUNabi nenselelo kubadlali beChiefs okuthiwa bangase badedelwe
Next articleKwengezwe nowayeyimenenja kaMasipala waKwaNongoma kwabasolwa ngenkohlakalo