Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Yinyanga yokugcina yokushintsha amaNumber Plates eKZN

Yinyanga yokugcina yokushintsha amaNumber Plates eKZN

by | 4 November 2025

SEKUZOKUBA yicala kubashayeli bezimoto baKwaZulu-Natal, ukushayela nge-number plate endala ngemuva ngomhla ka-30 kuLwezi (November) walo nyaka.

Abashayeli bezimoto banxuswa ukuvakashela ezikhungweni zezokushayela (licensing offices) ukuze kushintshwe izinombolo zabo ezindala. Nokho kulabo abazovuselela amalayisense ezimoto ngaphambi kosuku lomnqamulajuqu (30 kuLwezi), kubona izoziguqukela inombolo. Kuzokhumbuleka ukuthi lezi zinombolo ezintsha, zethulwa ngenxa yokuthi bese zishoda ezintsha ohlelweni oludala.

“Ukwehluleka ukushintsha i-number plate kusenesikhathi, kuzoholela ekutheni uhlawule ngoba lokho kuyobe kuwukwephula umthetho weNational Road Traffic Act,” kusho umnyango wezokuthutha.

Abashayeli bezimoto banxuswa ukwazisa imishwalense abakuyona ngoguquko lwe-number plate, okuzosiza lapho befaka isicelo sesinxephezelo (claim). Kufanele bazise nebhange uma imoto ingakaqedwa ukukhokhelwa noma uma besebenzisa ikhadi lika-petrol kanjalo nesiqomphamkhondo (tracker).

Ezisematheni

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

KUBULAWE owesilisa efaniswe nomuntu okusolwa ukuthi uyena obulala abesifazane abatholwa beshonile eKempton Park, eKurhuleni. Umufi uMnu Vusumuzi Radebe kuthiwa uhlaselwe yiqulu labantu eKurhuleni esolwa ngokuthi ungumbulali wabesifazane njengoba kutholakala izidumbu...

Amaphoyisa aphenye umuzi kaMchunu athatha neselula

Amaphoyisa aphenye umuzi kaMchunu athatha neselula

UPHIKO lwamaphoyisa iProvincial and Crime Unit lugasele emzimi kangqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnu Senzo Mchunu lwayophenya umuzi wakhe okwaZulu-Natal kwathathwa nomakhalekhukhwini. Amaphoyisa kuthiwa afike nencwadi egunyaza ukuthi kuseshwe umuzi wakhe ayinikwe...

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

OBEHAMBA phambili ekhankasela i-ANC, uChwaite Songca osejoyine i-IFP, uthi kuqala ngaleli qembu ukuthi kuxhaswe umcimbi wakhe iSouth Beach Young Stars Tornament ahlose ngayo ukusiza intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni. UChwaite ukusho lokhu njengoba...