Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ukhala ngesigwebo unina wentombazane eyafela ukunqaba ukuqabula

Ukhala ngesigwebo unina wentombazane eyafela ukunqaba ukuqabula

by | 29 January 2025

UKHALA ngoswazi oluncane athi kushaywe ngalo umbulali wendodakazi yakhe unina wentombazame eyabulawela ukunqaba ukuqabula.

Ngokubika kweTimesLive unina kaNaeema, owayeneminyaka ewu-14 ngesikhathi ebulawa, uFadeema Marshall ukhala ngesigwebo seminyaka ewu-10 umbulali wendodakazi yakhe asinikwe ebhadla ejele.

NgoLwesibili iNkantolo yeMantshi yaseBlue Downs igwebe lo mbulali oneminyaka ewu-15 ubudala ebhadla le minyaka ejele ngecala lokubulala.

Kubikwa ukuthi uFadeema ukhale ngokuthi ushaywe ngoswazi oluncane umbulali ngalesi sigwebo asithole.

Uthe eminyakeni eyisikhombisa kusho ukutho uzobe esephumile ejele.

Kubikwa ukuthi uNaeema waseBeacon Valley eMitchells Plain wayevakashele uninalume wakhe e-Erste River ngesikhathi ebulawa ngomhla ka-17 ku-July 2023. Wayengumagcino ezinganeni ezinhlanu kubo.

Kubikwa ukuthi uNaeema wadutshulwa wabulawa ngemuva kokuba enqabe ukuqabula umfana oneminyaka ewu-15 ubudala nokwathi ngemuva kokunqaba wamdubula wambulala.

UFadeema uthe usezinhlelweni zokusidlulisela phambili lesi sigwebo kwazise yena nezingane zakhe kabagculisekile ngaso nakuba bazi ukuthi ngeke esabuya uNaeema.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...