Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ukhala ngesigwebo unina wentombazane eyafela ukunqaba ukuqabula

Ukhala ngesigwebo unina wentombazane eyafela ukunqaba ukuqabula

by | 29 January 2025

UKHALA ngoswazi oluncane athi kushaywe ngalo umbulali wendodakazi yakhe unina wentombazame eyabulawela ukunqaba ukuqabula.

Ngokubika kweTimesLive unina kaNaeema, owayeneminyaka ewu-14 ngesikhathi ebulawa, uFadeema Marshall ukhala ngesigwebo seminyaka ewu-10 umbulali wendodakazi yakhe asinikwe ebhadla ejele.

NgoLwesibili iNkantolo yeMantshi yaseBlue Downs igwebe lo mbulali oneminyaka ewu-15 ubudala ebhadla le minyaka ejele ngecala lokubulala.

Kubikwa ukuthi uFadeema ukhale ngokuthi ushaywe ngoswazi oluncane umbulali ngalesi sigwebo asithole.

Uthe eminyakeni eyisikhombisa kusho ukutho uzobe esephumile ejele.

Kubikwa ukuthi uNaeema waseBeacon Valley eMitchells Plain wayevakashele uninalume wakhe e-Erste River ngesikhathi ebulawa ngomhla ka-17 ku-July 2023. Wayengumagcino ezinganeni ezinhlanu kubo.

Kubikwa ukuthi uNaeema wadutshulwa wabulawa ngemuva kokuba enqabe ukuqabula umfana oneminyaka ewu-15 ubudala nokwathi ngemuva kokunqaba wamdubula wambulala.

UFadeema uthe usezinhlelweni zokusidlulisela phambili lesi sigwebo kwazise yena nezingane zakhe kabagculisekile ngaso nakuba bazi ukuthi ngeke esabuya uNaeema.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...