
UFISA zande izigcawu zokucobelelana ngolwazi nangokuzithuthukisa undlunkulu weSilo uMisuzulu kaZwelithini, uNomzamo MaMyeni Zulu, ongumnikazi weSizowakha OkaZulu Foundation. UMaMyeni uveze lokhu kwingqungquthela i-Sizwe Dialogue for Women abebambisene kuyo nenhlangano ebhekelele ukuthuthukiswa kwabesifazane iPhinifa on Fleek Movement, ebeyiseMhlanga ngempelasonto. UMaMyeni uthe ukubona kubalulekile ukuba kuhlangane abesifazane bacobelelane ngolwazi lwezindlela abangazithuthukisa ngazo empilweni.
“Kubalulekile ukuthi kube nezikhathi lapho okuzohlangana khona abesifazane abenentshisekelo yokwenza umehluko kwabanye abantu besifazane. NjengeSizowakha OkaZulu sibe sesihlangana nenhlangano iPhinifa on Fleek sabona ukuthi ukucobelelana ngolwazi kumele kuqale kithina esamakhanda emizi, ikakhulukazi ondlunkulu bamakhosi, osomabhizinisi nabanye abaneqhaza emphakathini ukuba sizobonisana. Isifiso sethu ukuthi lo mkhakhaso uthele izithelo uqhubeke uze ufinyelele nakwezinye izifundazwe,” esho.
Umsunguli wePhinifa on Fleek, uNkk Nokuthula Khasibe uthi inhloso enkulu yokuhlanhlangana kwabo noNdlunkulu weSilo wukucobelelana ngolwazi ikakhulukazi ohlangothini lomnotho.
“Sithe uma sibuka isimo sezwe, abantu belahlekelwa yimisebenzi mihla namalanga sacela kuNdlunkulu ukuba sike sihlangane singabantu besifazane sibonisane ngezinye izindlela zokuzithuthukisa kwezomnotho nakwezamabhizinisi. Phakathi kwezinto esizidingidile wukuthi siyafisa kube nethimba esizohamba nalo siye eChina siyobona amathuba amabhizinisi nezindlela zokuzithuthukisa esingakwazi ukuzisebenzisa kuleli,” esho.







