Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Zibuye ngesigqi sama-piano Izingane Zoma

Zibuye ngesigqi sama-piano Izingane Zoma

by | 15 November 2026

LISHINTSHE ukwenza iqembu elidala likamaskandi ngokuhlanganisa ushuni walo womculo namapiano. Iqembu Izingane Zoma, elidabuka eQhudeni, eNquthu, likhiphe i-albhamu entsha ngoLwesihlanu ebusuku esihloko esithi, “Istofu Sami”.

Zimbili izingoma eziqoshwe kwaxutshwa ushuni. Ngethi “Istofu sami nethi Amalunda. Ngokusho komsunguli waleli qembu uShobeni Khuzwayo, uthe ushintsho lubalulekile ukuze iqembu lizolandelwa yintsha. Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi kuningi okuhle okwenziwe yiZingane Zoma eminyakeni edlule, kodwa isigqi ebezisisebenisa singenza ukuthi isizukulwane samanje singahlobani naleli qembu ngokomculo.

“Sibone ukuthi asihlanganise umsoco wakudala owawutholwa ngabazali bentsha esinayo manje, noshuni othakaselwa yintsha. Sinethemba lokuthi esikwenzile kuzothakaselwa. Uma kuwukuthi intsha ayihambisani nesikwenzile, sizobuyela etafuleni, sibuyekeze izinqumo zethu ngoba okubalulekile wukuthi sithathe imibono yabantu,” kusho uShobeni.

Uthi unethemba lokuthi okusha abakwenzile kuzothela izithelo ezinhle. Uveze ukuthi isikhathi okuphilwa kusona sifuna ukuba amaciko ashintshe isitayela sokucula.

“Thina singabaculi abadala, abasebenze umculo ungakashintshi. Uma singahambisani nesikhathi samanje, ukucula kwethu kuzoba yize,” esho.

Uthe isigqi samapiano esisetshenzisiwe, sihlobane kahle nesigqi sabo sikamaskandi. UShobeni uphinde waphawula ngokuthi kulo nyaka leli qembu akekho umculi elisebenzisane naye.

“Sisafuna ukuzihlola ukuthi sisakulungele yini ukubhekana nemakethe, singasiziwe ngamanye
amaciko ngoba kubalulekile nokuzazi amandla akho uma uyiciko,” kusho uShobeni.

Ezisematheni

Bathembisa lukhulu ohlelweni olungempilo kaL’vovo

Bathembisa lukhulu ohlelweni olungempilo kaL’vovo

LUZONIKEZA abantu olunye uhlangothi ngempilo ephilwa nguL’vovo Derrango uhlelo lukamabonakude olukhuluma ngempilo yalo mculi we-kwaito, osanda kwelulama ngemuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi. Lolu hlelo olubizwa ngeLife with L’vovo, luzoqala ukukhonjiswa ngomhla...

I-IFP izokhipha umbiko ngezingxoxo namanye amaqembu

I-IFP izokhipha umbiko ngezingxoxo namanye amaqembu

IQEMBU le-Inkatha Freedom party (IFP) lizokhipha umbiko wokuqala mayelanga nezingxoxo eselizisingethe namanye amaqembu epolitiki ngokubumba uhulumeni ngokubambisana njengoba sekudlule ukhetho loHulumeni baseKhaya. Ngokusho kwethimba elihola izingxoxo zokusebenzisana...