IHANJELWE ngabaholi bamazinga ahlukene ku-ANC inkonzo yokwembulwa kwetshe likaNkz Nokuhamba Nyawo okuqanjwe ngaye isiFunda saleli qembu uMkhanyakude. Le nkonzo ibanjelwe endlini yebandla lamaSheshi bude buduze nedolobha iNgwavuma.
UNokuhamba Nyawo ungelinye lamaqhawe omzabalazo wokulwela inkululeko yakuleli elahlonishwa ngendondo yekhethelo ngowayengumongameli wakuleli uMnu Jacob Zuma.
Inkonzo yanamuhla yandulela umcimbi omkhulu waleli qembu obanjelwe enkundleni yezemidlalo kuyona lendawo.
Phakathi kwabaholi abakhona kubalwa uMnu Mike Mabuyakhulu ohola leli qembu KwaZulu-Natal, ilungu lesigungu esiphezulu salo uMnu Senzo Mchunu obuye abe ngungqongqoshe wamaphoyisa kuleli osahlabe ikhefu lezinyanga ezintathu, nguMnu Jomo Sibiya, nguDkt Sibongiseni Dlomo, nguMnu Sphile Mdaka ongusihlalo walo kulesi sifunda kanye nabanye abaningi okubalwa kubona nabahola uphiko lwabesifazane kuleli qembu.
Ubuholi bebandla yibona obuhamba phambili ekuholweni kwenkonzo. Ngaphakathi ebandleni uhlelo lwenkonzo luqhutshwa njengenjwayelo ikakhulukazi uma kunenkonzo enkulu kuleli bandla.
Phakathi kokunye okwenzekile ngaphakathi enkonzweni kube wukushunyayelwa kwevangeli, ukudliwa kwesidlo senkosi kanye nokubusiswa kwemindeni nabo bonke abahambele inkonzo kuhlanganisa nabaholi bezombusazwe.
Inkonzo iphethelwe emadlinzeni ebandla okuyilapho khona kunedlinza likaNokuhamba Nyawo. Ngokwenqubo yaleli bandla wonke amakholwa awo angcwatshwa emhlabeni walo.
Inkonzo yokwembulwa kwetshe ibe iholwa nguMfu Siboniso Zulu ojutshwe wubuholi ukuba ahole ibandla lamaSheshi eNgwavuma.







