
KONKE sekumi ngomumo ngomcimbi wentandokazi kaDJ ophinde abe ngumdidiyeli wezingoma uKelvin Momo ozoba sePeoples Park eMoses Mabhida eThekwini ngeSonto mhla ka-5 April kophezulu.
Lo mcimbi ungomunye webhekwe ngabomvu kule mpelasonto njengoba ubalwa neminye emikhulu ekhona kuleli dolobha. Ubukhulu balo mcimbi bufakazelwa nawuhlu lwabaculi noDJ ababoshelwe njengoba kuboshelwe okubalwa kubo uShasha, Zee Nxumalo, Sykes, Distruction Boyz, Sphectacular noNaves, Stixx, Benny Maverick, Earful, Soul, Tycoon, Nel, Feel, Xola TSM, Jnr De Rocka, Man Q nabanye.
Kulindeleke ukuthi lo mcimbi uhehe izinkumbi zabathandi benjabulo njengoba nesiteshi somsakazo esizinze KwaZulu Natal iGagasi FM lingabanye babaxhasi balo mcimbi.

UKelvin uyaziwa ngokukhiqiza inqwaba yezingoma eziyizintandokazi zabantu okubalwa kuzo Uhambe Wrongo, Uzungandishiyi, Myekeleni, Maye Maye, Stay With Me, Fool Me nezinye.
Umdidiyeli walo mcimbi uBenny Maverick uchaze lo mcimbi njengozohlanganisa ithalente elisha nelidala.
“ITheku liyaziwa ngokuletha umfutho emcimbini yalo ngakho nakuwona lo sinethemba lokuthi abantu bazofika nomfutho omangalisayo ukuzojabula,” kusho uBenny Maverick.
Amathikithi asatholakala kanti amasango azovulwa ngehora lesine kwazise umcimbi uzoqala ngelesithupha.







