Ilanga News

by | 31 May 2025

INGONYAMA MSWATI III YAMUKELANE NONYAZI

PHUMLANI GAMA

IBONGE iNkulunkulu nezinyanya zomholi webandla lamaNazaretha ohlangothi lwaseBuhleni, iNkosi uMduduzi ‘Nyazilwezulu’ Shembe, iNgonyama Makhosetive ‘Mswati III’ Dlamini. Laba baholi bahlangene ekomkhulu lesizwe samaSwazi esigodlweni kaLozitha bude buduze nedolobha iManzini ngezithuba zakusihlwa ngoMsombuluko. Ngeledlule uNyazi lungene kuleliya lizwe ngenhloso yokuvula umhlangano wamakholwa alo wamasonto amathathu.

UNyazi luqale ngonyaka ka-2023 ukuhambela kuleliya lizwe ngokwebandla lalo okuyilapho khona ligixabezwe ngodedangendlale womhlaba wokwakha ikomkhulu lebandla eSwaziland yiNgonyama Mswati III. Umuzi nebandla okwakhiwe kulo mhlaba kuqanjwe igama lokuthi kuseSabelweni. Isenzo sikaMswati III sokunikela ngomhlaba kuleli bandla kukhulise isibalo samalungu alo njengoba kukhona ingxenye enkulu okufaka phakathi neziphathimandla zikahulumeni wakhona ezizinikele kuleli bandla.


Emhlangweni walaba baholi obubanjelwe esigodlweni futhi obuvulelekile nakwabemithombo yezindaba uMswati III uthe ubonga ukunyathela koNyazi noNkulunkulu walo ezweni lakhe. “Okukhulu kakhulu sibonga umthandazo. Siyakwemukela Nyazilwezulu lapha kaNgwane. Nisekhaya lapha kaNgwane. Umthandazo siphila ngawo singabantu. Ngiyaqaphela ukuthi ukuduma kwezigubhu, namacilongo enu kuxosha iningi lobubi elenzeka lapha ezweni lethu. Lokubi kuyabaleka uma kuzwa izigi zomthandazo,” kusho uDlamini.


UNyazi lushaye ngamafuphi lwathi, lubonga uthando nempatho oluyithola kubantu bakuleliya lizwe. “Abantu balapha eSwazini bayamthanda uShembe. Nathi siyanithanda. Siyohlala sifika ngaso sonke isikhathi uma sidingeka. Akukuningi esikulethe lapha ngaphandle komkhuleko. Okukhulu kakhulu sikhulekela inhlonipho kubantu balapha kaNgwane. Iningi labantu lilahlekelwe yinhlonipho,” kusho uNyazi.


ILANGA lithole ukuthi kunezinhlelo ezinkulu ezikhona kuleliya lizwe ezizoqala ngomhlaka 7 kuNhlangulana (June) kophezulu. Ngalolu suku iNgonyama Mswati III, izokhonza ndawonye namakholwa aleli bandla enkundleni yezemidlalo eLudzidzini Royal Residence Stadium. Izobe ihambisana nendlunkulu kanye namakhosi ezizwe ezahlukene. ISilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini, uMnu Jacob Zuma owayengumengameli wakuleli futhi ongumukhwe weNgonyama uMswati III, kulindeleke ukuba babe yingxenye yezicukuthwane ezizobe ziyingxenye yenkonzo yeSabatha. Ngosuku olulandelayo uNyazi luzobusisa imigidi yazo zonke izinhlaka zebandla ngokwahlukana kwazo. Ngomhlaka ka-9 uNyazi luzofulathela elakaNgwane lubuye eNingizimu-Afrika.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...