Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 ‘Kucasule umengameli’ ukuhlehla kokuhlala kwekhomishana ezophenya izinsolo zikaMkhwanazi

‘Kucasule umengameli’ ukuhlehla kokuhlala kwekhomishana ezophenya izinsolo zikaMkhwanazi

by | 27 August 2025

NUNGQONGQO uMammoloko Kubayi, esemise emsebenzini izikhulu zomnyango wakhe ngokubambezeleka okuhlala kweKhomishana kaMadlanga.

KUTHIWA uthukuthele uyaveva uMengameli Cyril Ramaphosa ngokuhlehla kukuhlala kweKhomishana yeJaji uMbuyiseli Madlanga, ezophenya ngezinsolo ezenziwa nguMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi.

IKhomishana kaMadlanga bekufanele iqale ukusebenza ngoMsombuluko ozayo, mhlaka 1 kuMandulo (September), kodwa kwatholakala ukuthi imishini nezinye izinto okufanele isebenze ngakho kakukho esikhungweni iBrigette Mabandla Justice College, eTswane, lapho ezohlala khona.

Ngesikhathi uRamaphosa utshelwa ngokuhlehliswa kokuhlala kwekhomishana, uyalele uNgqongqoshe wezoBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo, uNkz Mammoloko Kubayi ukuthi akenze uphenyo ngembangela yalokhu, bese ethathela abathintekayo izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe.

UNgqongqoshe uKubayi uphoqeleke ukuthi amise emsebenzini uMqondisi woMnyango, u-Advocate Doc Mashabane, nephini lakhe uMnu Jabu Hlatshwayo. Ikhomishana kaMadlanga ibhekwe ngabomvu kwazise izinsolo zikaMkhwanazi, zaholela ekutheni uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Senzo Mchunu, amiswe emsebenzini.

Le khomishana ibekelwe izinyanga ezintathu, kanti ukuhlehliswa kwayo sekwenze iqembu i-Economic Freedom Fighters (EFF), lakhipha isitatimende esithi kukhona okudla amantshontsho emsamo. Usuku ezoqala ngalo ukusebenza luzobuye lumenyezelwe.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...