
“KwaZulu, uma sekunomuntu osehluphe isikhathi eside, uma lowo muntu esehamba, kuyaye kuthiwe, awu! Iva liphume nobomvu onyaweni.” Usho kanjalo umhlaziyi wezepolitiki, ozinze e-University of KwaZulu-Natal, uMnu Zakhele Ndlovu ephundula ILANGA, limbuza ngokuthi ukukhonjwa indlela, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, noMnu Nhlamulo Ndhlela, ababeyinxenye yokusungulwa kweqembu uMkhonto weSizwe Party (MKP), kungaba namthelela mini eqenjini njengoba sekukhankaselwa uKhetho loHulumeni baseKhaya, oluzoba mhlaka 4 kuLwezi (November) kulonyaka.
UNobhala-Jikelele weMKP, uMnu Sibonelo Nomvalo, ubize isithangami sabezindaba ngoLwesine, wathi isigungu esiphezulu seqembu sesithathe isinyathelo sokuthi uNkk Zuma-Sambudla noMnu Ndhlela baxoshwe eqenjini.
“UDuduzile ubezenzela into ayithandayo kuMKP, ngesikhathi asithandayo. Ukumgcina ekubeni yilungu layo, bekuzokwakhela iqembu isithombe esibi. Bobabili laba baxoshiwe (uZuma-Sambudla noNdhlela), baba nesandla ekutheni uMnu Floyd Shivambo, owayenguNobhala weqembu axoshwe, kuthiwa babemsebenzisa kanzima. UDuduzile usahamba icala enkantolo ngokuphehla izibhelu zangoNtulikazi (July), ka 2021. Uyasolwa ekushushumbiseni abantu 17 ukuyolwa, izimpi zase Russia ne-Ukraine. Kuthiwa ubengabahloniphii abaholi beqembu iPhini likaMengameli uDkt John Hlophe noNkz. Colleen Makhubela. Okuthele usawoti esilondeni, kube ngesikhathi ilungu leMKP, ePhalamende, uMnu Muzi Ntshingila ligula esibhedlela eGoli, bona, bobabili bamthuthela kwesinye isibhedlela bengabonisananga nomndeni neqembu. Batshelwa ukuthi bangayi emngcwabeni wakhe kodwa bona baqhubeka baya,” kuhlaziya uMnu Ndlovu.
Uthe ngokubona kwakhe, iMKP isazothwala kanzima, ngoba ayinalo uzinzo ebuholini. “IMKP iyiqembu elisanda kusungulwa kodwa selibe noNobhala-Jikelele, abahlanu lingayiqedi iminyaka emihlanu.” kusho uMnu Ndlovu.
UMnu Siyabonga Ntombela, naye ofundisa iPolitical Science, e-UKZN, ithi ukukhonjwa indlela kwalaba ababili kukhombisa nabanye ukuthi iMKP akulona iqembu lakwaZuma, njengoba bona bebethatha kanjalo. “UDuduzile uyindodakazi kamengameli weMKP, uMnu Jacob Zuma. UNhlomulo, ungumshana kwaZuma, bebethatha leliqembu njengebhizinisi lakubo, benza izinto abazithandayo, bengalawulwa. Ukubakhomba indlela kulethe umyalezo, omuhle,” kusho uMnu Ntombela.






