
AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November).
Lokhu kwenziwe esigcawini senkulumo-mpikiswano (debate) ebesibanjwelwe ohholo lomphakathi edolobheni KwaDukuza, lapho amalungu omphakathi ethole ithuba lokulalela izethembiso zamaqembu, athola nethuba lokubuza ngezinto eziwathintayo.
Kumaqembu abekhona kubalwa i-Action SA, iSACP, i-Independent Alliance, I-EFF, iMinority Front, iMK Party ne-ANC ebimelwe yilowo owayeyimeya yaKwaDukuza, uMnu Ali Ngidi. UNgidi, owaxoshwa esikhundleni sakhe ngemuva kwezinyanga eziwu-8, ngezinsolo zokungaphathwa kahle kwemali yomkhandlu, uthe usazimisele ubukuya kwesobumeya uma ejutshwa yiqembu lakhe. Nguyena futhi uKhongolose ofolose ngaye kwesobukhansela kuWard 8.
Phakathi kwezinto amaqembu azethembise umphakathi wukulwa nenhlohlakalo, wukuyiswa kwezidingo kubantu nokuthuthukisa ingqalasizinda kagesi, amanzi nemigwaqo.
Kulesi sigcwawu, ebesihlelwe nguMnu Smanga Mhlophe, abaholi bamaqembu bebefike nabalandeli babo. I-DA ne-IFP ngamanye amaqembu aqaphelekile ukuthi abengekho.
Kumaqembu abeyingxenye yaseli sigcawu, uNkz Thobisile Nkosi we-EFF nguyena yedwa ongowesifazane obemele iqembu, futhi nguyena iqembu lakhe elifolosa ngaye kwesobumeya. UNkz Nkosi ophinde abe yilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uthe uzokubeka eqhulwini ukuphepha kwabantu besifazane njengoba kudlange isihlava sokuhlukunyezwa nokubulawa kwabo.
UMntwana uThokozani Zulu obemele i-SACP uthe kubona okumqoka wukubuyiselwa komhlaba nomnotho kubantu, njengoba bekholwa wukuthi yiyona nkululeko ephelele. I-Action SA ithe izoqinisekisa ukuthi imali yomphakathi isetshenziswa ngendlela efanele, nokuthi abantu bayazithola izidingo zabo.







