Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Sichithiwe isicelo somunye wabasolwa ngokufa kukaMeyiwa

Sichithiwe isicelo somunye wabasolwa ngokufa kukaMeyiwa

by | 2 September 2025

NGUMNU Mthokoziseni Maphisa ongomunye wabasolwa abahlanu abasolwa ngokufa kukaSenzo Meyiwa.

INKANTOLO ePhakeme yasePretoria isichithile isicelo somunye wabasolwa ngokufa kukaSenzo Meyiwa, sokuba kucishwe amacala abekwe wona, ngoba ethi akukho okumxhumanisa nawo.

UMnu Mthokoziseni Maphisa ufake lesi sicelo ngenyanga edlule, ethi ebufakazini obethulwe wumbuso, kakukho okumhlanganisa nokubulawa kukaMeyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana. UMaphisa nabane (4) asolwa nabo, baboshwa ngo-2020.

IJaji uMnu Ratha Mokgoatlheng lisichithile isicelo sikaMaphisa.

“Ngithola ukuthi kukhona ubufakazi obudinga ukuthi ummangalelwa wesine aziphendulele, ngakho-ke angivumi ukuba asuswe amacala abekwe wona,” kusho iJaji.

Lesi sinqumo sichaza ukuthi uMaphisa nasolwa nabo sekumele bazilungiselele ukuziphendulela ezinsolweni ababhekene nazo.

Ezisematheni

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha, iMarch and March imemezele ukhukhulela ngoqo wemashi yamadoda ukulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa  kwabesifazane ezoba ngomhlaka 30 kuMandulo (September). USihlalo obambile weSA...

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini owesilisa (46) othweswe amacala angu-16 okudlwengula abesifazane eCato Manor nasezindaweni ezakhele yona. Lo wesilisa ubevele enkantolo ngoMsombuluko emva kokuboshwa ngoMgqibelo. Inkantolo ithe uzobuya kuyona...

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...