
KUVELE ukuthi kuyithathe isikhathi esingaphansi kwamahora amahlanu imenenja yakumasipala weSifunda uThukela, ukuhlanganisa imali engu-R600 000, okuthiwa ibigwazela ngawo amaphoyisa eyibophela icala lenkohlakalo njengoba isolwa ngokugwazisa usomabhizinisi onenkontileka nomkhandlu.
Lokhu kuvele eNkantolo yeMantshi eThekwini ngoLwesibili lapho imenenja yasoThukela, uMnu Langelihle Jili (46) noMnu Bongumenzi Dlamini (26) befake khona isicelo sebheyili.
UJili noDlamini baboshwe ngeledlule emva kwezinsolo zokugwazela amaphoyisa ukuze adedele uJili okuthiwa ubeboshelwa ukuthatha intshontsho lika-R100 000 kusomabhizinisi uMnu Thabani Mhlanga onenkontileka nomasipala uThukela.
Lethula ubufakazi iphoyisa elibophe uJili noDlamini, uWarrant Officer Nkosinathi Dlamini, lithe uMhlanga wabikela amaphoyisa ngokufunwa imali nguJili ukuze akhokhelwe imali asayikweletwa kumasipala.
“Ngokuhlangana noMhlanga, amaphoyisa amcuphele umgoga uJili. UMhlanga ubizele uJili kwenye yezindawo eziseMnambithi ukuthi bahlangane khona ezomnika imali yentshontsho. Ngokuthi uMhlanga ubesesebenzisana namaphoyisa ube nomhlangano noJili ehamba nelinye iphoyisa kodwa ebelikufihlile ukuthi liyiphoyisa. UJili ufike wadonsa iCalculator wabalela uMhlanga imali okumele amkhokhele yona isiyonke, engu-R1.2 million. Baxoxa konke phambi kwalo iphoyisa kwaze kwavunyelwana ngokuthi imali azomnika yona engu-R100 000 ikhona kodwa isemotweni njengoba esivumelwaneni sabo kungukuthi vele ibizokhokhwa amanconzu,” kusho iphoyisa.
Kuthiwa sebeqede inkulumo bavumelane ngokuthi bahlangane eduze kwenye yezindawo zokudla lapho uJili okuthiwa umukele le mali kanti amaphoyisa aseduze amgadile. Kuthiwa uzamile ukubaleka ngemoto yakhe eyiToyota Fortuner kodwa amaphoyisa amjaha aze afika naye lapho ehlala khona. Sebembambile kuthiwa kungaleso sikhathi aqale ngaso izingxoxo zokuthi awagwazele ngo-R600 000. UWarrant Officer Dlamini uthe bengamaphoyisa benza sengathi bayayizwa into ayishoyo kanti sebephezu kwezinhlelo zokuqinisa icala. Uthe uJili waqala wafonela owesifazane okuthiwa uMagugu amcela ukuthi amthumelele uR600 000. Kuthiwa lo wesifazane wathi ikhona imali kodwa kuzothatha izinsuku eziyisikhombisa ukuthi ivele ebhange uma eyithumela ngoba imali enkulu futhi basebenzisa amabhange angafani nephoyisa okuthiwa yayizothunyelwa kulona.
Kuthiwa amaphoyisa athatha isinqumo sokuthi abuye naye eze eThekwini njengoba ubezoboshelwa khona. UJili kuthiwa waqhubeka wafonela abanye abantu ethi abahlanganise imali engu-R600 000 uyidinga ngokushesha. Emva kwalokho kuthiwa wacela amaphoyisa ukuthi baye eDurban North. Kulapho ke okuthiwa kufike uMnu Bongumenzi Dlamini okuthiwa uJili umbize ngomshana wakhe ephethe isikhwama sakwaShoprite esinemali engu-R600 000 igoqwe ngoplastiki wakwaCourier Guy. Kuthiwa uJili uyena oyibalile nawo amaphoyisa ayiqinisekisa ukuthi iyona. Emva kwalokho kuthiwa ubengasenasinqe ewatshela amaphoyisa ukuthi amdedele ngoba useyikhokhile imali kanti kungesikhathi eseboshwa benoDlamini. UWarrant Officer Dlamini uthe bezwe kuthiwa u-R600 000 iyona mali aqala kuyona uJili uma ekhipha umgwazo.
Isicelo sabo sebheyili asiphothulwanga njengoba icala liguqe iphoyisa lisaqala ukuphekwa ngemibuzo wummeli kaJili, u-Adv Paul Jorgensen.
Encwadini efungelwe yokucela ibheyili, uJili uveze ukuthi angakhokha noma imalini inkantolo emnqumela ukuthi ayikhokhe uma ededelwa ngebheyili. UDlamini uthe yena angakwazi ukukhokha u-R5000. Bobabili bamelwe ngu-Adv Jorgensen.
tndlovu@ilanganews.co.za







