Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

by | 26 October 2026

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki.

UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki obungoMsombuluko, eMulti purpose centre,  kwaNongoma ngaphansi kwesifunda iZululand.

 Kulo mkhuleko bekuhlangene amalungu esishayamthetho salesi sifundazwe, abezenkolo, amaphoyisa kanjalo namalungu omphakathi.

Ucacise ukuthi uhulumeni wakwaZulu-Natal namaphoyisa ngeke bakubekezelele ukusatshiswa kwabantu, ukungabekezelelani nokusabalalisa okungekhona njengoba kuqhubeka imikhankaso yokhetho loHulumeni baseKhaya oluzoba ngomhlaka 4 kuLwezi (November).

“Sesikhulile kwezombangazwe esifundazweni sethu. Lokhu kucacisa ngokusobala ukukhula ngokwentando yeningi. Konke kusemahlombe amaqembu epolitiki ukuthi afundise amalungu awo ukuthi angaphazamisi ilungelo lomunye umuntu. Wonke umuntu unelungelo lokuthi abe seqenjini lepolitiki alithandayo,” esho.

Eqhuba uNtuli uthe uhulumeni wakwaZulu-Natal unethemba elikhulu ukuthi ukhetho oluzayo luzoba ngolukhululekile futhi ngeke kuphazamiseke muntu ngesikhathi salo.

Kulo mkhuleko uNtuli uthe ubona ukuthi kufeziwe manje futhi noMdali usezwile. Uthe bakhethe uNongoma okuyindawo ebalulekile njengoba kuyisehlalankosi. Uveze ukuthi nomna iSilo besingekho kodwa basendaweni yaso. Lokho kukodwa kuyisibusiso.

Uthe kuyamjabulisa ukuhlangana nabaholi bakamoya ngoba abalisabi ijele ngokumela iqiniso futhi bakusho kucace ukuthi uNkulunkulku akafuni nabantu bakhe. Uma bebulawa naye uyacasuka.

Ezisematheni

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...

Kuqhakanjiswe amagalelo obuciko bolimi kowasabalalisa i-Natu

Kuqhakanjiswe amagalelo obuciko bolimi kowasabalalisa i-Natu

KUQHAKANJISWE amagalelo kowagqama ngokusabalalisa inyunyana yothisha nakwezinye izifundazwe ngenxa yokwazi kwakhe ukukhuluma zonke izilimi zakuleli, ngesikhathi engcwatshwa ngoMgqibelo. UMnu Velaphi Ndlovu owayayisekela lowayenguMengameli weNational Teachers Union...

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

Kabeneme umnyango wezemfundo ubuyisela emuva u-R600 million

IZINYUNYANA zothisha nekomidi elibhekelele ukusebenza koMnyango weMfundo eyisiSekelo ePhalamende, zihlabe isenzo salo mnyango sokubuyisela ehhovisi likamgcinimafa kazwelonke imali engaphezu kuka-R600 million, engasebenzanga kunyakamali odlule. Lokhu kuvele embikweni...