Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Akanavalo ngokungena ezicathulweni zikaZanele Mbokazi uPhindi P woKhozi

Akanavalo ngokungena ezicathulweni zikaZanele Mbokazi uPhindi P woKhozi

by | 27 March 2025

UMSAKAZI woKhozi FM, uPhindi P Phewa, uthi akanavalo ngokungena ezicathulweni zikaZanele Mbokazi ongasekho emhlabeni, owayesakaza uhlelo lwezenkolo olusihloko sithi Eshilo, olusakazwa ngo-9h00 kuya ku-12h00.

Le ntokazi ithi iyazi ukuthi abantu baba nemibono ehlukeneyo ngokwenzekayo ezinhlelweni emsakazweni – abanye bayagxeka, kanti abanye bayancoma. Ithi ikulindeleke konke lokho.
“Sengike ngazenza ezinye izinhlelo, nolwezenkolo, kanti bengibuye ngibambe kuyo Ishilo ngesikhathi uMama uZanele engaphilile. Sengikhule ngokwanele. Wuhlelo engingalushayela lolu. Luyinqola ebambekayo – angesabi lutho,” kuchaza yena.

UPhindi P uthi lolu hlelo ludinga ubuhlakani nokuzimisela, futhi uzizwa ethobekile ukuthi abaphathi balesi siteshi bamethembe ngohlelo olukhulu kangaka.
“Ngibonga uNkulunkulu nabaphathi ngaleli thuba. Ngiyazi baningi abangesekayo selokhu ngaqala emsakazweni futhi abazoqhubeka benze njalo,” kusho le ntokazi eyethula uLibo Lokuqala okuwuhlelo lwezenkolo nalo.


Izoqala ohlelweni lwayo olusha mhla ka 6 kuMbasa (April).Uthi okumthokozisa nakakhulu wukuthi lolu hlelo luyahambelana naye njengoba engumculi we-gospel futhi engumuntu okholwayo. Uthi akwandele bani emsebenzini ukuthi ube nenhlanhla yomsebenzi ozovele uhambisane nawe, ungene khaxa kuwo.


“Njengoba uhlelo lungeSonto kusho ukuthi mina ngizobe ngikhonza emsakazweni, iBhayibheli lami ngizobe ngihamba nalo njalo ekuseni. Umfundisi okhona ngaleso sikhathi uzobe esishumayeza sonke nabalaleli. Ngizokwenza into engiyithandayo futhi ephila kimina,” kuchaza yena.

Lo msakazi uzobe ecula bukhoma ePlayhouse mhla ka 30, kwikhonsathi ebizwa ngokuthi yiGrace Notes, okusho amahubo omusa ngesiZulu.
Uthi uyazi ukuthi abanye bamazela emsakazweni, kodwa ngale khonsathi bazothola ithuba lokumazi ngokomculo.
“Sizobe sibonga uNkulunkulu ngomusa wakhe. Kuningi esidlule kukho siyisifundazwe saKwaZulu-Natal kepha esivikela ezintweni. Wonke umuntu ozobe ekhona uzobe engezile ukuzobuka mina ngicula kuphela, kepha sizodumisa ndawonye,” echaza.

UPhind P waziwa kakhulu ngezingoma ezithi: Moya Silambele Wena; Yebo Bakithi; Emthandazweni; Ngobambelela nezinye. Uthi bakhona nabanye abazoshikisha naye inkundla kepha angakazubaveza okwamanje. Amathikithi aseqalile ukudayisa, atholakala eWebtickets, Pick ‘n Pay naseBoxer, kanti aqala ku R200.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...