
UMSAKAZI woKhozi FM, uPhindi P Phewa, uthi akanavalo ngokungena ezicathulweni zikaZanele Mbokazi ongasekho emhlabeni, owayesakaza uhlelo lwezenkolo olusihloko sithi Eshilo, olusakazwa ngo-9h00 kuya ku-12h00.
Le ntokazi ithi iyazi ukuthi abantu baba nemibono ehlukeneyo ngokwenzekayo ezinhlelweni emsakazweni – abanye bayagxeka, kanti abanye bayancoma. Ithi ikulindeleke konke lokho.
“Sengike ngazenza ezinye izinhlelo, nolwezenkolo, kanti bengibuye ngibambe kuyo Ishilo ngesikhathi uMama uZanele engaphilile. Sengikhule ngokwanele. Wuhlelo engingalushayela lolu. Luyinqola ebambekayo – angesabi lutho,” kuchaza yena.
UPhindi P uthi lolu hlelo ludinga ubuhlakani nokuzimisela, futhi uzizwa ethobekile ukuthi abaphathi balesi siteshi bamethembe ngohlelo olukhulu kangaka.
“Ngibonga uNkulunkulu nabaphathi ngaleli thuba. Ngiyazi baningi abangesekayo selokhu ngaqala emsakazweni futhi abazoqhubeka benze njalo,” kusho le ntokazi eyethula uLibo Lokuqala okuwuhlelo lwezenkolo nalo.
Izoqala ohlelweni lwayo olusha mhla ka 6 kuMbasa (April).Uthi okumthokozisa nakakhulu wukuthi lolu hlelo luyahambelana naye njengoba engumculi we-gospel futhi engumuntu okholwayo. Uthi akwandele bani emsebenzini ukuthi ube nenhlanhla yomsebenzi ozovele uhambisane nawe, ungene khaxa kuwo.
“Njengoba uhlelo lungeSonto kusho ukuthi mina ngizobe ngikhonza emsakazweni, iBhayibheli lami ngizobe ngihamba nalo njalo ekuseni. Umfundisi okhona ngaleso sikhathi uzobe esishumayeza sonke nabalaleli. Ngizokwenza into engiyithandayo futhi ephila kimina,” kuchaza yena.
Lo msakazi uzobe ecula bukhoma ePlayhouse mhla ka 30, kwikhonsathi ebizwa ngokuthi yiGrace Notes, okusho amahubo omusa ngesiZulu.
Uthi uyazi ukuthi abanye bamazela emsakazweni, kodwa ngale khonsathi bazothola ithuba lokumazi ngokomculo.
“Sizobe sibonga uNkulunkulu ngomusa wakhe. Kuningi esidlule kukho siyisifundazwe saKwaZulu-Natal kepha esivikela ezintweni. Wonke umuntu ozobe ekhona uzobe engezile ukuzobuka mina ngicula kuphela, kepha sizodumisa ndawonye,” echaza.
UPhind P waziwa kakhulu ngezingoma ezithi: Moya Silambele Wena; Yebo Bakithi; Emthandazweni; Ngobambelela nezinye. Uthi bakhona nabanye abazoshikisha naye inkundla kepha angakazubaveza okwamanje. Amathikithi aseqalile ukudayisa, atholakala eWebtickets, Pick ‘n Pay naseBoxer, kanti aqala ku R200.