
KUSOLWA ukungabi nasinqe kweNgonyama uMakhosetive “Mswati III” Dlamini (52) okuholele ekutheni undlunkulu wayo omncane abophe imithwalo, abuyele kwelakubo eNkandla. UNkk Nomcebo Zuma-Dlamini (22) ungunkosikazi weNgonyama wesi-15.Â
Umthombo ongaphakathi endlunkulu yesizwe samaSwazi utshele ILANGA ukuthi iNgonyama ithumele ingxenye yamalungu omndeni wasendlunkulu kwaDakwadunuse, okuyigama lomuzi kaMnu Jacob Zuma (83) owayengumengameli wakuleli.
UNkk Zuma-Dlamini uqale ukuhlangana neNgonyama uMswati III nyakenye. Kuvela ukuthi utshele abasondelene naye ukuthi ngeke yena akwazi ukuba yifenisha yasendlini, engamboni umyeni. Kuthiwa uveze ukuthi sekuphele izinyanga “engamboni umyeni”.
ILANGA labika kabanzi ngokuthunyelwa kwabakhongi abavela eSwazini, ababephelezelwa yingxenye yamalungu omndeni wasendlunkulu kaZulu. Embikweni waleli phephandaba kwavela ukuthi uZuma wayengahambisani nokuthi indodakazi ingene kulobu budlelwano.
Abakhongi babezocela isihlobo esihle ngezinkomo eziwu-10. Kuthiwa uZuma wayedinwe wukuthi ugilwe ngumngani wakhe, iNgonyama uMswati III.Â

“Iphelile inyanga engekho esigodlweni abebekwe kusona eMankayane. Ubesagcinwe kulesi saseMankayane ngoba esakhe asikaphothulwa ukwakhiwa, eDlangeni, eSiteki. Kwabukeka ukuthi kufanele akhelwe khona ngoba kunomuzi wesinye sezakhamizi saseNingizimu-Afrika asondelene naso ngokobuhlobo.
“Kuzohlangana isonto manje, lutho ukubuya izithunywa zeNgonyama. Kuningi okungahambi kahle njengoba ezinsukwini ezedlule bekukhona umholi webandla lamaNazaretha uNyazi lapha eSwazilani kanti futhi akekho ongaboni ukuthi kasisihle kahle isimo somzimba weNgonyama.
“Siyezwa ukuthi uZuma akazimisele ukukhuluma nezithunywa zeNgonyama ngoba kwasekuqaleni wayevele engahambisani nalobu budlelwano. Wayedinwe wukuthi iNgonyama Mswati III ingumngani wakhe omkhulu kodwa yakwazi ukucela kuyena indodakazi yakhe, ithi ifuna iyogana enye yamadodana ayo, kanti izifunela yona.
“Akukho ayengakwenza (uZuma) ngoba unina wentombi washo phezulu ngomthandazo, ebonga uNkulunkulu ethi kuyinhlanhla ukuthi ingane yakhe iyogana ebukhosini bakwaDlamini,” kusho umthombo owawuyingxenye yezithunywa ezaziyocela osihlobo esihle kwaDakwadunuse.Â







