Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

by | 12 September 2026

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso.

UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko uZamokwakhe “King Bhaka” Nzama lapho abeveza khona lezi zindaba. Uhlelo olukhuluma ngempilo yakhe olubizwa ngoMndeni Somnala, lukhonjiswa kuMoja Love (157) njalo uma kunguMgqibelo ngo-8 ebusuku.

Muva nje uNala odume ngoKing Somnala, uvela exabana namakhosikazi akhe amanye aseze amshiya ekhala ngendlala yocansi njengoba ethi sekuphele iminyaka emihlanu engasayi ocansini noNala.

Ezinkundleni zokuxhumana abantu bayamdelela ngalezi zindaba, kodwa yena uthe akanandaba ngokushiwo abantu ngaye kodwa okuzovela ohlelweni abantu bazodumala ngoba ayikho yonke lento eshiwo ngaye.

Nokuthi kukhona amakhosikazi abengasalali nawo uthe, akafuni ukukhuluma kakhulu ngalokho kodwa iqiniso ukuthi ngeke aqhubeke nokulala nomuntu angasamethembi kahle. Uthe uvele unezinsolo zokuthi kukhona ongasaziphethe kahle, ngeke ke aqhubeka nokulala nomuntu asola ukuthi ulala nenye indoda.

Akuqinisekisile ukuthi konke okwenzeka kulolu hlelo kuyiqiniso ngempilo yakhe. Uthe unkosikazi wakhe okhulume ngaye akamzondi futhi ngeke akunqabe ukuthi abe yingxenye yohlelo olukhuluma ngempilo yakhe ngoba uyahola naye ngokuvela kulona.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...