Ilanga News
Home 9 Featured 9 OKlebe bathungatha abathinteka ekubulaweni kwephoyisa lesifazane

OKlebe bathungatha abathinteka ekubulaweni kwephoyisa lesifazane

by | 7 May 2025

UPHIKO loKlebe oluphenya ngamacala abucayi ePort Shepstone lucela ukufuniswa abasolwa ababili abathintekayo ekubulaweni iphoyisa lesifazane eMzimkhulu.

Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa oKlebe bathungatha laba basolwa uSanele Mthembu noXolani Ngobese/ Ndlovu ngokubulawa kukaSayitsheni Ntombi Mbanjwa (33).

Kubikwa ukuthi uSayitsheni Mbanjwa wadutshulwa wabulawa esemzini wakhe eMzimkhulu ngomhla ka-11 April 2024 kanti ukutholakala kwalaba basolwa kungalusiza uphiko loKlebe ukuxazulula leli cala.

Kuleli cala kusaboshwe abasolwa ababili uSayitsheni Ntokozo Mngqithi noBhungane Hadebe.

Oklebe baveze ukuthi uMthembu wagcina ukubonakala kwaDambuza eMgungundlovy lapho ayingumnikazi we-spaza njengoba yena engowokudabuka eBulwer.

Ngakolunye uhlangothi uNgobese/ Ndlovu yena wagcina ebonakale ese-Edendale khona eMgungundlovu kant phambilini wayehlala eCapital City Housing eNPC lapho ayengumshayeli wemoto ekhokhelwa ngebanga (Uber).

Kunxuswa noma ngubano ongaba nolwazi ngalaba basolwa ukuba baxhumane no-Warrant Officer Sipho Mnguni kule nombolo yocingo: 082 556 9559.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...