Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

by | 13 September 2026

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa.

Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane izalwa, u-78% womzimba wayo usuke ungamanzi. Lokhu kukhombisa ukuthi amanzi anendima ebaluleke kakhulu emzimbeni womuntu. Yingakho umzimba ukubikela uma eseshoda. Kuthiwa ungafa nokufa uma ungaziqapheli izimpawu umzimba wakho osuke ukhuluma ngazo nawe.

Iyini i-Dehydration:
Lesi yisimo lapho umzimba ungasenawo amanzi enele ukuze usebenze kahle. Lesi simo sidaleka lapho siba siningi isikali samanzi aphumayo emzimbeni kunesamanzi owaphuzayo. Lokhu kungenzeka uma kushisa ilanga noma uma une-fever, ngenxa yokujuluka, okanye ukhishwa yisisu noma uphalaza.

Eminye imishanguzo yenza umuntu oyithathayo ashobinge kakhulu. Okudala ukulahleka kwamanzi kakhulu wutshwala, njengoba umzimba womuntu ubuthatha njengobuthi osuke ufuna ukubukhipha emzimbeni. Ngokusho kongoti, ebantwini abaningi abashodelwa ngamanzi emzimbeni, isizathu kuba wubudedengu bokukhohlwa wukuwaphuza.

Abezempilo bathi umzimba womuntu osekhulile udinga okungenani amalitha amabili amanzi osukwini. La manzi akumele uwaphuze kanye kanye, kodwa kumele uwaphuze kancane kancane. Bathi akumele uze uwomele amanzi ukuze uwaphuze – uma uzizwa sewomile, kusuke kusho ukuthi ususindwe yizinyawo ukuwaphuza.

Umzimba uyakutshela uma usudinga amanzi ngezimpawu ezifana nokuphathwa yikhanda, wukuzizwa ukhathele futhi unesiyezi. Ukungawaphuzi amanzi kungaholela ezimweni ezinjengokumelwa yinhliziyo (heart attack), okungaholela ekulahlekeni komphefumulo.

Qaphela abantu asebekhulile nezingane:
Uma unomuntu osekhulile ekhaya, kubalulekile ukuqikelela ukuthi uphuza amanzi enele ngoba bayakhohlwa. Nasezinganeni ezisencane kakhulu kubalulekile ngoba kazikwazi ukukutshela ukuthi zomile. Kuyijoka lomzali noma umbheki wengane ukuqinisekisa ukuthi ithola uketshezi olwenele, njengoba usuku luqhubeka. Kwabanye abantu kuze kudingeke bayofakwa i-drip, uma bengasakwazi ukuziphuzela amanzi.

Amanzi abalulekile emzimbeni womuntu ngoba asiza ukugaya ukudla, wukuhlanza umzimba futhi ahambisa imisoco ne-oxygen ezingxenyeni ezehlukene zomzimba. Uma kushisa noma umuntu enyakazisa umzimba, amanzi asemzimbeni yiwona asebenza ukuwupholisa, yiwona futhi avikela ubuchopho, avikele nomntwana ongakazalwa esibelethweni sikanina. Uma usola ukuthi wena noma umuntu omdala ombhekile noma ingane yakho inenkinga yokweswela amanzi emzimbeni, kubalulekile ukusheshe ufune usizo lwabezempilo.

Nazi ezinye izimpawu zokushoda kwamanzi enganeni:

  • Wukoma kolimi nezindebe.
  • Wukungabi nezinyembeni uma ikhala.
  • Uma ushintsha inabukeni izikhawu ezingaphansi kuka-6 emahoreni awu-24.
  • Wukufocoka okhakhayini namehlo ashone phakathi
  • Yisikhumba esomile noma esishwabene.

Izimpawu zokushodelwa ngamanzi kubantu abadala:

  • yikhanda elibuhlungu.
  • Wumlomo owomile nokukhwehlela.
  • wukuba luhlaza kwemithambo.
  • Wukuvuvukala kwezinyawo.
  • Wukushaya ngamandla kwenhliziyo nobuncane bomfutho wegazi.
  • Ngamajaqamba.
  • Wumchamo ongcolile.
  • Wukungayi kahle endlini yangasese.

    Wonke umuntu angaba nenkinga yokushoda kwamanzi emzimbeni, yingakho kubalulekile ukuqikelela ukuthi umuntu uphuza amanzi enele, nokuthi uma kukhona okungahambi kahle, asheshe athole usizo lokwelashwa.
  • Ulwazi kucashunwe ku: my.clevelandclinic.org

Ezisematheni

I-DA iphonsa ithawula ngomasipala abakhulu eGauteng

I-DA iphonsa ithawula ngomasipala abakhulu eGauteng

I-DEMOCRATIC Alliance ithi ikulungele ukuba yiqembu eliphikisayo komasipala engatholanga kubona amavoti enele ukuphatha ngokuzimela okhethweni lohulumeni basekhaya, obelusekuqaleni kwale nyanga. Lokhu kushiwo nguNkk Hellen Zille (osesithombeni), iDA ebifolosa ngaye...

Amatomu asekwi-ANC ngobuholi bukaMasipala weTheku

Amatomu asekwi-ANC ngobuholi bukaMasipala weTheku

SELIDUMELA emasumpeni ngezingxoxo zokwakha uhulumeni wenhlanganisela eThekwini. Kusasa ngoLwesibili kuzobe kufungiswa amakhansela awu-223, azoba yingxenye yalo mkhandlu, bese kuqokwa izikhulu zawo okuyimeya, yiphini lemeya nosomlomo. Kusukela kuqale izingxoxo...

INkosi Albert Luthuli yachazeka ngoPhumzile Mlambo-Ngcuka

INkosi Albert Luthuli yachazeka ngoPhumzile Mlambo-Ngcuka

UMENGAMELI we-African National Congress (ANC), owaba ngowukuqala e-Afrika ukuklonyeliswa ngendondo yeNoble Peace Prize, iNkosi u-Albert Luthuli, ngo-1962 kuthiwa wake wavakashela umuzi kaMnu Michael Boy Mlambo, owayenguthisha eClermont, entshonalanga yeTheku. UMlambo...