Ilanga News
Home 9 Ezemali 9 Akwaziwa mbhantshi kujiya ngokuzokwenzeka ngenzalo yemalimboleko

Akwaziwa mbhantshi kujiya ngokuzokwenzeka ngenzalo yemalimboleko

by | 15 May 2025

KUBANJWE umoya ngesinqumo esizomenyezelwa yiSouth African Reserve Bank (SARB) mayelana noguquko oluzokwenzeka kwinzalo yemalimboleko kule nyanga.


Akwaziwa ukuthi izokwenyuswa noma izokwehliswa, okanye ngeke kwenziwe guquko kwizinga ekulo njengamanje inzalo yemalimboleko.
Kuningi ukuqagula okukhona kubahlaziyi bezomnotho mayelana nokungalindeleka, kodwa ekugcineni isinqumo silele kwiSARB.


Isinqumo sizomenyezelwa nguMnu Lesetja Kganyago onguMbusi weSARB ngoLwesine oluzayo, emuva komhlangano wekomidi eliqondene nemigomo yemali eSARB, elibizwa ngeMonetary Policy Committee (MPC) lapho kuzothathwa khona isinqumo.
Ngenxa yezindleko eziphezulu zokuphila, abathengi abaningi bafisa yehliswe inzalo yemalimboleko ukuze kwehle kancane umthwalo kodwa okuqaphelekayo wukuthi iSARB inokucophelela okukhulu ngenxa yokungazinzi kahle kwesimo somnotho ezweni.


Ungoti wezomnotho wase-University of KwaZulu-Natal, uDkt Ntokozo Nzimande, -utshele ILANGA ngoLwesithathu ukuthi ulindele ukuthi iSARB iyehlise inzalo yemalimboleko, noma ngo-25 basis points (0,25%).
Uthi isimo, ikakhulukazi maqondana nesimo sezinga lokwehla kwamandla emali (inflation), siyayivuna iSARB ukuba iyehlise inzalo yemalimboleko.


“Yisona sikhathi esikahle lesi sokuba iSARB yeseke umnotho waseNingizimu Afrika,” kusho uDkt Nzimande.
Uthi izinga lokwehla kwamandla emali eNingizimu Afrika liyakuvuna ukuthi iSARB ingayehlisa inzalo yemalimboleko njengoba ngokwezibalo ezikhishwe yiStats SA ngenyanga edlule, lihleli ku-2,7%. Lokhu kungaphansi kuka-3% no-6% iSARB ehlose ukuba izinga libe phakathi kwakho.


Ngaphambi kokuba iMPC ithathe isinqumo, iStats SA ngoLwesithathi izomemezela umbiko
umbiko omayelana nezinga lokwenyuka kwentengo yezimpahla namasevisi, phecelezi iconsumer price inflation (CPI). Lo mbiko unomthelela esinqumweni seMPC.


UDkt Nzimande bekungakuhle ukuba iSARB ibakhulule abathengi ngokwehlisa ngokuthe xaxa, kodwa-ke uthi ngoba kuyaziwa ukuthi isandla siyagodola kwiSARB, kungaba ngcono uma ingehlisa ngawo u-0,25%.
Kuzokhumbuleka ukuthi emhlanganweni weMPC odlule, ngoNdasa (March) nonyaka, leli komidi lathatha isinqumo sokungayiguquli inzalo yemalimboleko, yaqhubeka yaba ku-7,5% inzalo yemali ekhokhwa ngamabhange amakhulu kwiSARB (repo rate), okwenze ukuba nekhokhwa ngabathengi emabhange iqhubeke nokuba ku-11%.
Ngaleso sikhathi kwavela ukuthi iSARB imanqika ukwehlisa inzalo yemalimboleko ngenxa yokungazinzi kahle komnotho wezwe, ikakhulukazi emuva kwezinguquko ezize noMengameli wase-United States (US), uMnu Donald Trump kwezohwebo.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...