Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMasipala waKwaDukuza nomkhankaso wokulwa nezingozi zasemgwaqeni

UMasipala waKwaDukuza nomkhankaso wokulwa nezingozi zasemgwaqeni

by | 18 April 2025

UKWANDA kwezingozi ezinyantisa igazi emgwaqeni uN2 sekusukumise iMeya kaMasipala yaKwaDukuza uMnuz Ali Ngidi.

UNgidi ekhuluma kunesivimbamgwaqo ebebesenze kuTall Gate uMvoti uthe bakhathazekile kakhulu ngezingozi esezijwayele ukwenzeka kuN2.

Uthe njengoba kuyiPhasika babone kumqoka ukuba babe nesivimbangwaqo ukubheka ukuthi izimoto ezihambayo ngabe zisesimwebi esikahle yini.

Uthe ngalokhu abakwenzayo basabela kwikhwelo elihlatshwe ungqongqoshe wezokuThutha KwaZulu Natal uMnuz Siboniso Duma lokukhuthaza ukuphepha ngalesi sikhathi samaholidi.

“Ukukhuluma iqiniso nje kuyasikhathaza kakhulu ukubona izingozi zomgwaqo zudlula nemiphefumulo yabagibeli. Iqiniso ukuthi ziningi izizathu ezingaholela kulokho. Okunye kwakho kungaba ukusetshenziswa kwezimoto okungafanele engabe zisemgwaqeni,” usho kanjena.

Uthe kwabakhathaza ukwenzeka kwengozi eyayinyantisa igazi eyadlula nemiphefumulo yabazalwane bebandla labaPhostoli.

“Asizidingi izingozi zalolu hlobo ngoba zigcina zidala ukuthi kugcine kushona nalabo okuyibona abondla imindeni,”echaza.

Uthe kuseqhulwini kubona njengoMasipala waKwaDukuza ukwenza konke okusemandleni abo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi umphakathi osebenzisa izimoto uyaphepha ngaso sonke isikhathi.

Uthe lolu hlelo lezivimbamgwaqo bafuna ukuqhubeka nalo noma noma noma kungasona isikhathi samaholidi.

Uthe bakholwa ukuthi ukuhlolwa kwezimoto kunganciphisa izingozi ikakhulukazi kwizithuthi zomphakathi okufaka phakathi amatekisi.

UNgidi ubehambisana namaphoyisa omgwaqo yiPhini leMeya uMnuz Njabulo Cele, yiMeya yaseMandeni uMnuz Thabani Mdlalose neMeya yesiFunda iLembe uMnuz Thobani Shandu.

Bonke bebezimisa izimoto bezihlole ukuthi zisesimweni esikahle yini.

Bebephinde bakhulume nabagibeli bababuze ukuthi umshayeli akagijimi yini futhi ubaphethe kahle yini.

Abagibi balushayele elikhulu ihlombe leli lolu hlelo lwesivimbamgwaqo.

Omunye wabo uNksz Thabsile Magwaza obegibele itekisi elibangise KwaDukuza uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi zizigcina zehla izingozi zomgwaqo uma kuba khona izinhlelo zalolu hlobo.

Wesekwe uMnuz Zakhele Gumede obegibele itekisi ilibhekise eNkandla uthe bafisa ukuthi lokhu kwenzeke njalo hhayi uma kuzoba namaholidi kuphela.

Ezisematheni

Sivaliwe isikhala semeya eJozini

Sivaliwe isikhala semeya eJozini

NGUMNU Nkosinathi Myeni oyiMeya entsha yaseJozini. YETHEMBISA ukufuqa ngamandla izinhlelo zentuthuko yomphakathi ngaphandle kokubheka ibala lomuntu iMeya entsha kaMasipala waseJozini, egcotshwe namuhla ngoLwesihlanu. UMnu Nkosinathi Myeni ongowokudabuka eMhlekazi,...

Uhlose ukufukula intsha othenge iMandini Country Club

Uhlose ukufukula intsha othenge iMandini Country Club

UFISA ibewusizo ekuthuthukiseni abantu abasha baseMandeni indawo yakhe yokudlala igalofu, iMandeni Country Club, esizokwaziwa nge-Noble Village, uDkt Emmanuel Ngcobo, othathe izintambo zokuphatha le ndawo ngemuva kokuthengiselana yona nenkampani yephepha namahlathi...

Abebuya ukuyokhulekela umsebenzi wabangasekho amakholwa abhubhile

ABEBUYA ukuyokhulekela umsebenzi wabangasekho amakholwa abhubhe engozini eyenzeke emgwaqweni onguthelawayeka uN2 eMpangeni ngezithuba zasekuseni ngeSonto. Amalungu eNtathakusa Church In Zion ehlelwe yilo mshophi ephuma eGobandlovu, eSikhawini emzini wakwaMyeni lapho...