Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMasipala waKwaDukuza nomkhankaso wokulwa nezingozi zasemgwaqeni

UMasipala waKwaDukuza nomkhankaso wokulwa nezingozi zasemgwaqeni

by | 18 April 2025

UKWANDA kwezingozi ezinyantisa igazi emgwaqeni uN2 sekusukumise iMeya kaMasipala yaKwaDukuza uMnuz Ali Ngidi.

UNgidi ekhuluma kunesivimbamgwaqo ebebesenze kuTall Gate uMvoti uthe bakhathazekile kakhulu ngezingozi esezijwayele ukwenzeka kuN2.

Uthe njengoba kuyiPhasika babone kumqoka ukuba babe nesivimbangwaqo ukubheka ukuthi izimoto ezihambayo ngabe zisesimwebi esikahle yini.

Uthe ngalokhu abakwenzayo basabela kwikhwelo elihlatshwe ungqongqoshe wezokuThutha KwaZulu Natal uMnuz Siboniso Duma lokukhuthaza ukuphepha ngalesi sikhathi samaholidi.

“Ukukhuluma iqiniso nje kuyasikhathaza kakhulu ukubona izingozi zomgwaqo zudlula nemiphefumulo yabagibeli. Iqiniso ukuthi ziningi izizathu ezingaholela kulokho. Okunye kwakho kungaba ukusetshenziswa kwezimoto okungafanele engabe zisemgwaqeni,” usho kanjena.

Uthe kwabakhathaza ukwenzeka kwengozi eyayinyantisa igazi eyadlula nemiphefumulo yabazalwane bebandla labaPhostoli.

“Asizidingi izingozi zalolu hlobo ngoba zigcina zidala ukuthi kugcine kushona nalabo okuyibona abondla imindeni,”echaza.

Uthe kuseqhulwini kubona njengoMasipala waKwaDukuza ukwenza konke okusemandleni abo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi umphakathi osebenzisa izimoto uyaphepha ngaso sonke isikhathi.

Uthe lolu hlelo lezivimbamgwaqo bafuna ukuqhubeka nalo noma noma noma kungasona isikhathi samaholidi.

Uthe bakholwa ukuthi ukuhlolwa kwezimoto kunganciphisa izingozi ikakhulukazi kwizithuthi zomphakathi okufaka phakathi amatekisi.

UNgidi ubehambisana namaphoyisa omgwaqo yiPhini leMeya uMnuz Njabulo Cele, yiMeya yaseMandeni uMnuz Thabani Mdlalose neMeya yesiFunda iLembe uMnuz Thobani Shandu.

Bonke bebezimisa izimoto bezihlole ukuthi zisesimweni esikahle yini.

Bebephinde bakhulume nabagibeli bababuze ukuthi umshayeli akagijimi yini futhi ubaphethe kahle yini.

Abagibi balushayele elikhulu ihlombe leli lolu hlelo lwesivimbamgwaqo.

Omunye wabo uNksz Thabsile Magwaza obegibele itekisi elibangise KwaDukuza uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi zizigcina zehla izingozi zomgwaqo uma kuba khona izinhlelo zalolu hlobo.

Wesekwe uMnuz Zakhele Gumede obegibele itekisi ilibhekise eNkandla uthe bafisa ukuthi lokhu kwenzeke njalo hhayi uma kuzoba namaholidi kuphela.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...