LUCKY CAIN
UTHWELE kanzima usaziwayo ozakhele udumo ephuma isibili emncintiswaneni kazime wakuleli kaMiss SA u-Ayanda Thabethe ngokuba negama nesibongo esifana nomunye usaziwayo osezakhele igama kulo mkhakha.
U-Ayanda ongomunye wosaziwayo abaqokwe ukuba babe yingxenye yohlelo lukamabonakude i-Celebrity Masterchef SA kwiSABC 3 oluqale ukukhonjiswa ngoMgqibelo, utshele ILANGA leMpelasonto ukuthi uzizwa ejabulile ukuveza elinye ikhono lakhe emphakathini kodwa kusamkhubaza ukuthi usamataniswa nomunye ubizo wakhe osekuneminyaka ekulo mkhakha.
Uthe uyamhlonipha ubizo wakhe futhi akawabukeli phansi amagalelo akhe kulo mkhakha kodwa kuyamkhubaza ukuthi njalo uma kukhulunywa ngegama lakhe iningi labantu lifikelwa ubizo wakhe.
“Sesike sayikhuluma le ndaba no-Ayanda kodwa okunzima ukuthi nami igama lami elikumazisi ngingu-Ayanda Thabethe futhi ngingene ngalo leli gama kulo mkhakha nokwenza kube nzima ukuqala elinye manje,” kusho u-Ayanda ongumethuli wohlelo lwansukuzonke ekuseni kwiSABC 3 iMorning Expresso.
Uthi uyazama ukwenza izinguquko kuleli gama ukuze akwazi ukuhluka kubizo wakhe.
“Uma ngizethula ngizibiza ngo-Ayanda G Thabethe njengoba epinye igama lami nginguGugulabantu.
Kodwa nakuba kunjalo abantu bayawuziba u-G bese kuba u-Ayanda Thabethe,” kusho le ntokazi yaseMgungundlovu. Uveze ukuthi okunye okungamkhipha kulolu taku wukuthi ashade.
“Ngike ngincokole nesoka lami ngitshele ukuthi kumele lingishade ngithathe isibongo salo ukuze abantu bangasiphambanisi,” esho ehleka.
Udale ukuthi abantu bazobhema bakholwe ngekhono lakhe kulolu hlelo lukamabonakude olubhekwe ngabomvu.
Kulolu hlelo usaziwayo ozonqoba uzohlomula isigidi samarandi azothatha kusona ingxenye anikele ngayo kwinhlangano engenzi inzuzo azifela ngayo bese kuthi enye azigcinele yona ngokwakhe.