Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Ubona umshado njengesixazululo usaziwayo onobizo kwi-TV

Ubona umshado njengesixazululo usaziwayo onobizo kwi-TV

by | 3 December 2024

LUCKY CAIN 

UTHWELE kanzima usaziwayo ozakhele udumo ephuma isibili emncintiswaneni kazime wakuleli kaMiss SA u-Ayanda Thabethe ngokuba negama nesibongo esifana nomunye usaziwayo osezakhele igama kulo mkhakha.

U-Ayanda ongomunye wosaziwayo abaqokwe ukuba babe yingxenye yohlelo lukamabonakude i-Celebrity Masterchef SA kwiSABC 3 oluqale ukukhonjiswa ngoMgqibelo, utshele ILANGA leMpelasonto ukuthi uzizwa ejabulile ukuveza elinye ikhono lakhe emphakathini kodwa kusamkhubaza ukuthi usamataniswa nomunye ubizo wakhe osekuneminyaka ekulo mkhakha.

Uthe uyamhlonipha ubizo wakhe futhi akawabukeli phansi amagalelo akhe kulo mkhakha kodwa kuyamkhubaza ukuthi njalo uma kukhulunywa ngegama lakhe iningi labantu lifikelwa ubizo wakhe.

“Sesike sayikhuluma le ndaba no-Ayanda kodwa okunzima ukuthi nami igama lami elikumazisi ngingu-Ayanda Thabethe futhi ngingene ngalo leli gama kulo mkhakha nokwenza kube nzima ukuqala elinye manje,” kusho u-Ayanda ongumethuli wohlelo lwansukuzonke ekuseni kwiSABC 3 iMorning Expresso.

Uthi uyazama ukwenza izinguquko kuleli gama ukuze akwazi ukuhluka kubizo wakhe.

“Uma ngizethula ngizibiza ngo-Ayanda G Thabethe njengoba epinye igama lami nginguGugulabantu.

Kodwa nakuba kunjalo abantu bayawuziba u-G bese kuba u-Ayanda Thabethe,” kusho le ntokazi yaseMgungundlovu. Uveze ukuthi okunye okungamkhipha kulolu taku wukuthi ashade.

“Ngike ngincokole nesoka lami ngitshele ukuthi kumele lingishade ngithathe isibongo salo ukuze abantu bangasiphambanisi,” esho ehleka.

Udale ukuthi abantu bazobhema bakholwe ngekhono lakhe kulolu hlelo lukamabonakude olubhekwe ngabomvu.

Kulolu hlelo usaziwayo ozonqoba uzohlomula isigidi samarandi azothatha kusona ingxenye anikele ngayo kwinhlangano engenzi inzuzo azifela ngayo bese kuthi enye azigcinele yona ngokwakhe.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...