Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ogqame kokamaskandi ungena kowesicathamiya

Ogqame kokamaskandi ungena kowesicathamiya

by | 6 November 2026

BAJABULELE ‘ukuqaqeka’ kwezinkinga emculweni wabo abaculi besicathamiya, ngesikhathi kungenelela kuwona odume kakhulu kwezokuhlelwa kwemicimbi kamaskandi eThekwini.

Lokhu kuvezwe ngabaculi bakacothoza, bejabulela ukungenelela kukaMnu Xolani Mcineka owaziwa ngeMpucuzeko Maskandi Festival. UMcineka uhlele indumezulu yomcimbi wesicathamiya. Lo mcimbi ubizwa ngeNational Isicathamiya Mega Fiesta. Uzokuba mhla ka-28 kuNovember.

UMcineka uthe ukusondela kwakhe kulo mculo, kungenxa yokuthi ubebona ungafukuleki.

“Kulo nyaka emcimbini weMpucuzeko, ngifake amaqembu amabili (iColenso Abafana beNkokhelo neZulu Messengers), okuyilapho ngibone ukuthi amabhinca anothando kakhulu ngesicathamiya, kodwa inkinga enkulu wukuthi kusamele kwenziwe izindlela zokuweseka lo mculo,” kusho uMcineka.

Kulo mcimbi kubekwe isiteki esicela ku-R200 000, okuzohlukaniselana kusona amaqembu kacothoza, oswenka, nonobuhle. Ukubhalisa kwamaqembu sekuvuliwe, kuzovalwa mhla ka-10 kuyona le nyanga.

Umholi weqembu leColenso Abafana beNkokhelo, uVictor “Schithamthombo” Mkhize uthe ukusondela kukaMcineka kulo mculo wabo, kusho ukuqaqeka kwezinkinga ebezibakhungethe.

“Kuningi ebesibhekene nakho singazi sizosizakala kanjani. UMcineka simlethelwe yinkosi, sesizokwazi ukumaketheka ngendlela esiyifunayo, ikakhulukazi esifundazweni sethu ngoba amanye amaqembu kawakhangisekile kahle, ekubeni sekunesikhathi eside eyibambile endimeni yomculo wesicathamiya,” kusho uVictor.

UMavula Mhlongo ohola iZulu Messengers, naye uhambe emazwini kazakwabo. Uthe bayaweseka kakhulu lo mcimbi futhi akungabazeki ukuthi ukungenelela kukaMcineka kuzobafukula kakhulu.

Ukubhalisa kwamaqembu kusetshenziswa inombolo kaWhatsApp ethi: 078 266 5913

Ezisematheni

I-MKP isifake isimangalo ifuna kucwaningwe amavoti ayo eThekwini

I-MKP isifake isimangalo ifuna kucwaningwe amavoti ayo eThekwini

IQEMBU uMkhonto weSizwe Party selifake isimangalo kwikhomishana yokhetho i-IEC kwaZulu-Natal njengoba lisola ukuthi kukhona okungahanjisiwe kahle ekubalweni kwamavoti ayo. Lokhu kuza emva kokuthi kube nemibiko yokungadonsi kahle kwemishini kwezinye izindawo okuthiwa...

I-IFP neMKP ithathe izihlalo eMngeni kwaphuma i-EFF

I-IFP neMKP ithathe izihlalo eMngeni kwaphuma i-EFF

IMEYA kumasipala Umngeni, uMnu Chris Pappas uthi isiqinisekisiwe imiphumela yokubalwa kwamavoti ngaphansi kukamasipala wakhe. Ubhale ekhasini lakhe likaFacebook ukuthi Umngeni unezihlalo ezingu-25. Kulo masipala uthe iDA inezingu-15, kube yiMKP ethole ezingu-5, i-ANC...