
AZOTHOLA ithuba eliyingqayizivele lokuba ngabanye bokuqala ukubuka umdlalo iShaka Ilembe S2 amakhosi abalelwa ku-80 KwaZulu-Natal emcimbini wekhethelo ozobe useSibaya Casino ngoLwesihlanu. Lo mcimbi wokubuka lo mdlalo uhlelwa wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal oholwa nguMfu Thulasizwe Buthelezi.
UMdlalo iShaka Ilembe kulindeleke ukuba ukhuze ibuya kumabonakude esiteshini esingaphansi kweMultichoice uMzansi Magic ngeSonto mhla ka-15 kwephezulu. Lo mdlalo ungomunye wemidlalo ebhekwe ngabomvu kumabonakude njengoba ususelwa empilweni yeLembe eleqa amanye amalembe elithathwa njengombumbi wesizwe sakwaZulu. Kuzokhumbuleka ukuthi isizini yokuqala yalo mdlalo yaba nedumela, abantu baveza imibono eyahlukene ngalo mdlalo njengoba abanye bawugxeka ngokuthi uphendukezela umlando kanti abantu bathokozela ukuwubuka.
IBomb Productions okuyinkampani eqopha lo mdlalo iziphendulela kulabo abebegxeka yakubeka kwacaca ukuthi lona wumdlalo akusisona isiqophamlando esikhuluma ngempilo kaShaka. Kulo mcimbi wokubuka lo mdlalo kuzobe kukhona nezinye izicukuthwane okuhlanganisa neziMeya nosomlando nabantu abasha njengoba lo mdlalo uzokhonjiswa ngenyanga yabo ngokusho kwalo mnyango. Lo mdlalo ugabe ngabalingisi abathadwayo eMzansi njengoba phakathi kwahamba phambili kubalwa uNomzamo Mbatha, Thembiko Mthembu, Lemogang Tsipa, Wiseman Mncube, Mondli Makhoba, Khabonina Qubeka nabanye







