
USULEKE izinyembezi umculi ophoxwe wukukhala komsindo emcimbini weCrown Gospel Awards obuseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre ngeSonto.
USihle Khumalo uphume esiteji ngemuva kokucula ingoma yakhe ephoxekile wahluleka wukuzibamba wasikhihla esikanandi ngenxa yokungazwakali ngesikhathi eculela izinkumbi zabantu ebezibuthene e-ICC.
Lo mculi obeqokwe eminxeni weBest Itende noweSong of the Year ngengoma yakhe ethi Okudalelwe Mina kuze kwaphoqeleka ukuba athandazelwe ngemuva kwesiteji ngenxa yokuphoxeka ngesikhathi ecula le ngoma.
Kube muncu labo abebehamba naye sebemduduza ehlulukela wukuzibamba esidinda isililo. Kuze kwaphoqeleka ukuba abadidiyeli balo mcimbi bamubize okwesibili ezoyicula le ngoma yakhe ukuze aduduzeke.
USihle ugcine enqobile kule minxa abeqokwe kuyona njengoba ethole nendondo emqoka yeSong of the Year evotelwa wumphakathi. Lo mculi ongaqalanga kahle kulo mcimbi ugcine ewuphothula ngegiya eliphezulu lo mcimbi.
Kulo mcimbi obuhanjelwe yinqwaba yabantu kuphoxe ukukhala komsindo njengoba kugqame ukungahambi kahle kwezinto esiteji. Kube nezikhawu lapho abebekhuluma esiteji bebengazwakali ngenxa yawo umsindo.
Ngokuhamba kwesikhathi ukukhala komsindo konke kugcine kuhamba ngohlelo lo mcimbi waqhubeka waze wayophela ngaphandle kwezihibe.
Lo mcimbi ubukhuza ibuya eThekwini ngemuva kweminyaka emibili uhlelwa eGoli ngaphansi kwesifundazwe iGauteng.
Bekungokokuqala ubuyela kuleli dolobha kusukela kwadlula emhlabeni umsunguli wawo uNkk Zanele LaMbokazi Nkambule.
Uhulumeni waKwaZulu Natal ugcine usifezile isithembiso esenziwa nguNdunankulu wakulesi sifundazwe sokubuyisela lo mcimbi kusona.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMnu Thami Ntuli ongundunankulu wakulesi sifundazwe wenza isithembiso sokubuyisela lo mcimbi kusona ngesikhathi kunenkonzo yomngcwabo kaLaMbokazi Nkambule.
UNtuli wakuveza kungakuhle ukuthi ukugcina igama likaLaMbokazi Nkambule liphila lo mcimbi ube nekhaya ngokugcwele KwaZulu Natal futhi ungashabalali.
Lokhu wayekusho njengoba lo mcimbi wabe usufudukele eGauteng ngemuva kweminyaka ewu-15 ubanjelwa eThekwini.
Nalu uhlu lwabaculi abaklonyelisiwe emcimbini obuyizolo ngeSonto.
BEST ARTIST/ GROUP OF THE YEAR
SINDI NTOMBELA
BEST COMMUNITY RADIO PRESENTER
OLWETHU NDABANKULU
BEST AMA-ZION (SOLO/ GROUP)
BURNING FIRE OF GOD
BEST NEWCOMER
MUSA YENDE
BEST MALE
SBU NOAH
BEST FEMALE
MMATEMA
BEST GROUP
THE JESUS COLLECTIVE
BEST TRADITIONAL
DUMI MKOKSTAD
BEST PRAISE
KGAOGELO KEKANA
BEST WORSHIP
TEBS DAVID
BEST COLLABORATION
MUSA YENDE & BRENDEN PRAISE
BEST CONTEMPORARY
BRENDEN PRAISE
BEST ALBUM
MNQOBI NXUMALO
BEST LIVE EVENT
THE JESUS COLLECTIVE
BEST SONG WRITER
MNQOBI NXUMALO
BEST JAZZ
LWEI NETSHIVHALE
BEST VIDEO
SBU NZIMA
BEST ACCAPELA
THE ORIGINAL UMLAZI CHOIR
BEST CLAP AND TAP
ISAAC AND THE MIGHTY MESSENGERS
CLASSIC OF ALL TIMES
PASTOR RUDOLF MABASA
BEST ITENDE
SIHLE KHUMALO
BEST RAP
ANDRAE JACOBS
BEST OF AFRICA
NOTHANDO HLOPHE
BEST PRODUCER
SIYANQOBA MTHETHWA
LUSANDA MCINGA
Spiritual Group (Life time achievement award)







