Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Usagcinwe esitokisini uMusa Khawula

Usagcinwe esitokisini uMusa Khawula

by | 15 January 2025

UMusa Khawula, wodumo ezinkundleni zokuxhumana, ngoLwesibili uvele kafushane eNkantolo yesiFunda eRandburg, lapho ebhekene khona namacala okudicilela phansi isithunzi, ukwephula umthetho olawula izinkundla zokuxhumana iCyber Crimes Act 19 ka-2020, nokucwasa.

Ngokwesitatimende sophiko wezokushushisa iNPA, uMusa usolwa ngokuthi washicilela ama-post ezinkundleni zokuxhumana iX (Twitter) neFacebook, ngenhloso yokuthunaza nokudicilela phansi isithunzi sikasomabhizinisi uZee Nxumalo.

UMusa ubesagcinwe esitokisini njengoba umbuso uphikisa isicelo sakhe sebheyili njengoba kusaqhubeka icala lokubulala lapho esolwa ngokugwaza owayethandana naye, uWandile Khambule, ngoNdasa (March) ka-2022. UMusa ubhekene nelinye icala nokushayela budlabha.

UMusa, odume ngokukhininda izimfihlo zabantu, uzogcinwa esitokisini kuze kube wumhla ka-21 kwephezulu lapho kulindelwe ukuba afane isicelo sokudedelwa ngebheyili.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...