Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

Ubuyela enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga uMokgotsi

by | 24 November 2026

UBUYELA enkantolo ngecala elisha lokuqamba amanga ngaphansi kwesifungo usomabhizinisi waseNorth West, uMnu Brown Mokgotsi.

UMokgotsi usolwa ngokuqamba amanga ngesikhathi ethula ubufakazi kwikhomishana kaMadlanga.

Uzovela namuhla enkantolo yeMantshi yasePitoli ukuzobhekana necala elisha lokuqamba amanga ngaphansi kwesifungo.

Icala athweswe lona lisuka encwadini  efungelwe nobufakazi abethula kwikhomishana kaMadlanga, lapho aveza khona ukuthi usebenzela amaphoyisa eCrime Intelligence. Ukuxinwa kwakhe ngemibuzo kwagcina kumvezile ukuthi unamanga futhi naye wagcina ezivumele ukuthi akawasebenzeli amaphoyisa futhi akakaze abe sehhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Senzo Mchunu njengoba ayeveza kanjalo ekuqaleni.  

Amanye amacala abhekene nawo uMokgotsi awokuqamba amanga njengoba kuthiwa wabhala isitatimende esingekho ethi kukhona abebezama ukumsoconga bemdubula esemotweni okwavela ukuthi uyena owazidubulela imoto yakhe wase evula icala. Kumanje ugcinwe ejele iJohannesburg Correctional Centre njengoba anqatshelwa ibheyili ngoNhlaba (May) nonyaka.

UMokgotsi uthinteka emacaleni amaningi ahlanganisa osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nosomabhizinisi oboshiwe, uMnu Vusumuzi “Cat” Matlala.

 Wonke amacala abhekene nawo uyawaphika. Njengamanje usedume ngele “Polical Fixer”

Ezisematheni

Lihlehlile elothweswe elokubulala umholi weMKP

Lihlehlile elothweswe elokubulala umholi weMKP

UBUYELA enkantolo ngenyanga ezayo othweswe icala lokubulala, umdidiyeli woMkhonto weSizwe Party (MKP) kwiSifunda Ugu, njengoba ebevele eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe namhlanje (ngoLwesithathu). Ummangalelwa uMnu Lungani Lushaba (44) oboshwe ngesonto eledlule, uthweswe...

Ihlazo kulandwa ‘izinkomo zokwebiwa’ ekhweni

Ihlazo kulandwa ‘izinkomo zokwebiwa’ ekhweni

ISIPHENDUKE indaba egudwini eyomyeni oshaqwe ngamaphoyisa esekhweni, osolwa ngokuthi ulobole ngezinkomo zokwebiwa eziwu-5, emndenini wakwaXulu, eNtinini, eVryheid. ILANGA lithole ukuthi uMnu Buzetsheni Sibiya waseNgoje, eVryheid uvele eNkantolo yasoPhongolo,...

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

Kulindeleke isinqumo senkantolo ngolwePhala Phala

KULINDELEKE ukuthi iNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ikhiphe isinqumo kusasa (ngoLwesithathu) ngesicelo sikaMengameli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa, ofuna kuchithwe isiphakamiso sesigungu sikaSection 89, esifuna kubhekisiswe indaba yePhala Phala. Lokhu kuza emva kombiko...