Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Kubalulekile ukubuyisana kwe-IFP ne-ANC’

‘Kubalulekile ukubuyisana kwe-IFP ne-ANC’

by | 23 March 2025

INKOSI uMzamo Buthelezi, oyiSekela likaMengameli we-IFP, uthi uma i-IFP ne-ANC bengabuyisani, ngeke liye phambili leli zwe.

Ukusho lokhu embuthanweni we-IFP oqhubekayo oLundi namuhla, lapho kugujwa khona iminyaka ewu-50 yasungulwa i-IFP.

INkosi uButhelezi ikhuleke kubaholi be-IFP, wagcizelela ukuthi kuyadingeka ukuba kubuyiswane ngoba uqhekeko olwaba khona phakathi kwalawa maqembu lwavula amanxeba ajulile ebantwini.

Kuzokhumbuleka ukuthi kwachitheka igazi labantu abaningi ikakhulukazi KwaZulu-Natal eminyakeni edlule, ngesikhathi kulwa i-ANC ne-IFP.

INkosi uButhelezi ibalule ukuthi uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, engumsunguli we-IFP, yakhothama ishabasheka ilwela ukuthi kube ukuthelelana amanzi phakathi kwalawa maqembu. Ithe kumele kuqhutshekwe nalowo msebenzi wokubuyisana.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...