Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 ‘Kubalulekile ukubuyisana kwe-IFP ne-ANC’

‘Kubalulekile ukubuyisana kwe-IFP ne-ANC’

by | 23 March 2025

INKOSI uMzamo Buthelezi, oyiSekela likaMengameli we-IFP, uthi uma i-IFP ne-ANC bengabuyisani, ngeke liye phambili leli zwe.

Ukusho lokhu embuthanweni we-IFP oqhubekayo oLundi namuhla, lapho kugujwa khona iminyaka ewu-50 yasungulwa i-IFP.

INkosi uButhelezi ikhuleke kubaholi be-IFP, wagcizelela ukuthi kuyadingeka ukuba kubuyiswane ngoba uqhekeko olwaba khona phakathi kwalawa maqembu lwavula amanxeba ajulile ebantwini.

Kuzokhumbuleka ukuthi kwachitheka igazi labantu abaningi ikakhulukazi KwaZulu-Natal eminyakeni edlule, ngesikhathi kulwa i-ANC ne-IFP.

INkosi uButhelezi ibalule ukuthi uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, engumsunguli we-IFP, yakhothama ishabasheka ilwela ukuthi kube ukuthelelana amanzi phakathi kwalawa maqembu. Ithe kumele kuqhutshekwe nalowo msebenzi wokubuyisana.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...