
UMNYANGO wezaseKhaya ugqugquzela abantu abasasebenzisa omazisi abaluhlaza, ukuba bashintshele komazisi abasha abayikhadi, phecelezi, amaSmart ID.
Sekunesikhathi luqalile uhlelo lokushintshwa kwalab’ omazisi abaluhlaza, kodwa okuqaphelekayo wukuthi kusenenqwaba yabantu abasasebenzisa abadala, kanti abanye kubonakala sengathi kabanalo ugqozi lokubashintsha.
UMnu Leon Schreiber, onguNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, ugcizelela ukuthi ukushintshwa komazisi abaluhlaza kungenxa
yezokuphepha kwabantu baseNingizimu Afrika.
Ekhuluma kwi-eNCA uSchreiber, uthi uyakuqonda ukuthi kukhona abantu abangathandi ukuhlukana nalab’ omazisi abaluhlaza, kodwa kusemqoka ukuba bashintshele kwabasha. Uthe umuntu ongathandi ukwehlukana nomdala usengawugcina nje ngendlela yakhe.
Uthi inkulu ingcuphe abantu ababhekene nayo ngomazisi abaluhlaza njengoba izigebengu zikwazi ukuntshontsha imininingwane yomuntu, zishintshe isithombe.
USchreiber uthi ucwaningo oluke lwenziwa phambilini, luveza ukuthi kunamacala awu-34% okukhwabanisa ezwenikazi i-Afrika abandakanya ukusetshe nziswa kwalolu hlobo lomazisi abaluhlaza. Uthi inselelo ekhona ayificile ngesikhathi engena esikhundleni, ebambezela ukusheshiswa kohlelo lokumiswa unomphela kokusetshenziswa komazisi abadala, wukuthi kunamagatsha oMnyango wezaseKhaya angakabi nazo izimfanelo nezinsiza-kusebenza zokukhipha omazisi abasha abangamakhadi – akhipha kuphela omazisi abaluhlaza.
“Enye yezinto ezingishaqisile ngesikhathi ngingena esikhundleni, kube wukuthola ukuthi cishe ikota yamahhovisi oMnyango wezaseKhaya eNingizimu Afrika, ayikakwazi ukukhipha ama-smart card – ikwazi ukukhipha omazisi abaluhlaza,” kusho uSchreiber.
Uthi yingakho-ke kungelula ukuthi kuvele kuthiwe abantu bangabe besabasebenzisa omazisi abaluhlaza, ekubeni basakhiqizwa emahhovisi omnyango.
Lolu hlobo lomazisi abaluhlaza kuhlelwa ukuba luqedwe ngo-2029.
Babalelwa ku-18 million abantu abasasebenzisa omazisi abaluhlaza, kanti babalelwa cishe ku-30 million omazisi amangamakhadi asebekhishwe wumnyango.
bhekin@ilanganews.co.za







