Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kunxuswa abasabambelele komazisi abaluhlaza ukuba babashintshe

Kunxuswa abasabambelele komazisi abaluhlaza ukuba babashintshe

by | 31 July 2025


UMNYANGO wezaseKhaya ugqugquzela abantu abasasebenzisa omazisi abaluhlaza, ukuba bashintshele komazisi abasha abayikhadi, phecelezi, amaSmart ID.

Sekunesikhathi luqalile uhlelo lokushintshwa kwalab’ omazisi abaluhlaza, kodwa okuqaphelekayo wukuthi kusenenqwaba yabantu abasasebenzisa abadala, kanti abanye kubonakala sengathi kabanalo ugqozi lokubashintsha.

UMnu Leon Schreiber, onguNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, ugcizelela ukuthi ukushintshwa komazisi abaluhlaza kungenxa

yezokuphepha kwabantu baseNingizimu Afrika.

Ekhuluma kwi-eNCA uSchreiber, uthi uyakuqonda ukuthi kukhona abantu abangathandi ukuhlukana nalab’ omazisi abaluhlaza, kodwa kusemqoka ukuba bashintshele kwabasha. Uthe umuntu ongathandi ukwehlukana nomdala usengawugcina nje ngendlela yakhe.

Uthi inkulu ingcuphe abantu ababhekene nayo ngomazisi abaluhlaza njengoba izigebengu zikwazi ukuntshontsha imininingwane yomuntu, zishintshe isithombe.

USchreiber uthi ucwaningo oluke lwenziwa phambilini, luveza ukuthi kunamacala awu-34% okukhwabanisa ezwenikazi i-Afrika abandakanya ukusetshe nziswa kwalolu hlobo lomazisi abaluhlaza. Uthi inselelo ekhona ayificile ngesikhathi engena esikhundleni, ebambezela ukusheshiswa kohlelo lokumiswa unomphela kokusetshenziswa komazisi abadala, wukuthi kunamagatsha oMnyango wezaseKhaya angakabi nazo izimfanelo nezinsiza-kusebenza zokukhipha omazisi abasha abangamakhadi – akhipha kuphela omazisi abaluhlaza.

“Enye yezinto ezingishaqisile ngesikhathi ngingena esikhundleni, kube wukuthola ukuthi cishe ikota yamahhovisi oMnyango wezaseKhaya eNingizimu Afrika, ayikakwazi ukukhipha ama-smart card – ikwazi ukukhipha omazisi abaluhlaza,” kusho uSchreiber.

Uthi yingakho-ke kungelula ukuthi kuvele kuthiwe abantu bangabe besabasebenzisa omazisi abaluhlaza, ekubeni basakhiqizwa emahhovisi omnyango.

Lolu hlobo lomazisi abaluhlaza kuhlelwa ukuba luqedwe ngo-2029.

Babalelwa ku-18 million abantu abasasebenzisa omazisi abaluhlaza, kanti babalelwa cishe ku-30 million omazisi amangamakhadi asebekhishwe wumnyango.

bhekin@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

Usefake incwadi yokwesula emaphoyiseni uNkosi

USESULILE emaphoyiseni uSergeant Fannie Nkosi olokhu agcinwa esitokisini kusuka ngoNdasa (March) nonyaka ngamacala ehlukene. Okhulumela amaPhoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukwesula kukaNkosi kodwa wathi asikho isinqumo esesithathiwe...

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...