Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Aphelile amahlathi kwabebeqola ngegama lenyanga ebulewe

Aphelile amahlathi kwabebeqola ngegama lenyanga ebulewe

by | 5 November 2025

INHLANZI ishelwe ngamanzi kubelaphi-mbumbulu abebezibiza ngegama lomelaphi wendabuko obedumile, uMnu James “uGod’ Olulal’ Amankankane” Mthembu (61), obekwe endlini yakhe yokugcina ngoMgqibelo, ePhelandaba, eManguzi, KwaMhlabuyalingana.

Umufi udlule emhlabeni ngeledlule emuva kokuhlaselwa, wathelwa ngoyaba lwezinhlamvu phambi kwamalungu omndeni wakhe, omakhelwane, iziguli namathwasa akhe. Ushiye emhlabeni amakhosikazi akhe awu-15, yizingane eziwu-55 nabazukulu.

ILANGA lingakuqinisekisa ukuthi bakhona abanye abantu abasezinku-ndleni zokuxhumana abazibiza ngaleli gama. Ekhuluma neLANGA uMnu Mandla Mthembu, oyindodana kamufi, uthe uze wedlula emhlabeni uyise ekhala ngabantu abaqola ngegama lakhe.

“Ubaba ibingamphethe kahle indaba yalaba bantu abaqola ngaye. Abanye bebeze bafake ngisho izithombe zakhe. Abanye bahlobise izimoto zabo ngegama loGodo. Babodwa abaqola abantu bezibiza ngokuthi bangamadodana, bafundiswe nguyena umsebenzi. Siyafisa nje ukuba sikucacise ukuthi kayikho indodana kababa ethwasile, ezoqhu-beka nomsebenzi wokwelapha abantu ngaphandle kokuthi ubaba ufundise umama uNomusa Mthembu (uKaManzini), ongowesibiili komama bethu.

“Nguyena asebenze naye isikhathi eside. Nguyena ophethe izikhwama zikababa. Siyawunxusa umphakathi ukuba ungalinge udukiswe ngamaqola, abeqola ngegama likababa ngoba sikulindele ukuthi kukhona abasazozibiza ngokuthi bayizihlobo zikababa, futhi basebenza ngezinduku zakhe, kanti kakunjalo.

“Kuze kwaba uyahamba emhlabeni ubaba engenawo uFacebook noWhatsApp ngoba engumuntu ongakwazi ukufunda nokubhala, ngesizathu sokuthi akafundanga okuyaphi,” kuchaza uMandla.

Ubonge uthando abaluthole ezinhlakeni ezahlukene ezinsukwini zokuzilela uyise.

“Ngibonga uthando esiluthole ebantwini abehlukene okubalwa kubona nomasipala wendawo ngezinsiza abazilethile. Iqembu lakhe iMK Party, linikele ngobhazabhaza wetende obewubekwe enkundleni yezemidlalo.

“Okwenziwe ngabantu kusinike isifundo sokuthi kubalulekile ukuphila impilo ehambisana nokwelula isandla nakwabanye abantu. Ubaba ulibambile iqhaza emphakathini, esiza abangenalutho,” ephetha.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...