Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘Acula kahle amakhansela e-ANC, kodwa ukusebenza dololo’ – Mantashe

‘Acula kahle amakhansela e-ANC, kodwa ukusebenza dololo’ – Mantashe

by | 16 September 2025

ABAPHUME ngobuningi amakhansela e-ANC njengoba ebehlangane eFNB Stadium, eSoweto njengoba ebecijelwa ukhetho lohulumeni basekhaya.

UBUHOLI be-African National Congress (ANC), butshele amakhansela alenhlangano abehlangene eFNB Stadium, eSoweto, ukuthi awabhukule ukuze bahlabane okhethweni loHulumeni baseKhaya lwangonyaka ozayo. Abalelwa ku-4 600, amakhansela e-ANC abebuthene, njengoba kulungiselelwa ukhetho oluzoba phakathi kwenyanga kaLwezi (November) ngo-2026, noMasingana (January) ka-2027.

Ngokhetho lokugcina loHulumeni baseKhaya, olwalungo-2021, i-ANC yathola amavoti angu-46%, yehla kusuka ku-66%, eyayiwuthole ngo-2006. Omasipala abakhulu iPretoria neKurhuleni, i-ANC yahluleka ubawagcina.

UMengameli uCyril Ramaphosa, ekhuluma namakhansela, ugcizelele ukuthi abantu abaqhuba inkohlakalo komasipala, mabangavikelwa, wathi i-ANC ingafunda kumakhansela eDemocratic Alliance, ngendlela aziphatha ngayo nangendlela ezimisela ngayo. Uthe kuyinto engafihliwe ukuthi iningi lomasipala abenza kahle, ngobaphethwe yiDA.

USihlalo we-ANC kuzwelonke, uMnu Gwede Mantashe, uthe acula kahle amakhansela enhlangano, kodwa uma sekuthiwa awasebenze “dololo”. Amakhansela abevela kuzo zonke izifundazwe, kanti lokhu sekuwukuqala lochungechunge lwemikhankaso yokhetho lohulumenni basekhaya.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...