
INHLANGANO eyengamele ezokushushisa kuleli, i-Electoral Commission (IEC), ithi kayigculisekile ngesenzo se-ANC sokungalandeli ngendlela imigudu yokuveza uxhaso lwayo olungaphezu kuka-R15 million.
Lokho kuza ngemuva kombiko ikhishwe yi-IEC, lapho ebeyiveza khona amaqembu ezombusazwe nemali yixhaso ayitholile kusuka ngo-April nonyaka kuya ekupheleni kukaJune. Kuloluhla iDA izihola phambili njengoba kuvele ukuthi ithole uxhaso olucela ku-R100 million, oluphuma kwizinkampani, izinhlangano ezingenzi nzuzo nosomabhizinisi abehlukene.
Kulolu hla, iDA ilandelwa yiActionSA okuthiwa ixhaswe ngo-R5.5 million, wusomabhizinisi oyigixabeze ngoR5 million nenkampani yaseFree State eyinike uR500 000. Elinye iqembu elithole uR5 million yi-Labour Party, okuthiwa liwuthole kwinyunyana iAmcu. I-IEC ithi ithole ukuthi i-ANC ithole uxhaso luka-R15 million kodwa kuningi okungagculisi ngalo.
“Kasigculisekile ngendlela ekuvezwe ngayo lolu xhaso. Phezu kwalokho ngesikhathi i-ANC isinika uhla lwabaxhasi bayo yafaka noxhaso eyaluthola ngonyakamali ophelile, nalapho amaphepha ayedingeka ayengaphelele. Ukungculiseki kwethu kuholele ekutheni sifune incazelo egcwele ngaalolu daba. Uma ihluleka wukuchaza sizophoqeleka ukuthatha izinyathelo ezinqala, okungaba wukuyibambela isabelomali esiphuma kwa-IEC noma ukuyisa eNkantolo yezoKhetho ihlawuliswe,” kusho i-IEC.
Ikhumbuzise amaqembu ezombusazwe ngokubaluleka kokwethembeka nokudalula lonke ixhaso lwemali alutholayo.







