Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 I-IEC ikhala nge-ANC ngokungalandelwa kwemigudu yoxhaso

I-IEC ikhala nge-ANC ngokungalandelwa kwemigudu yoxhaso

by | 28 August 2026

INHLANGANO eyengamele ezokushushisa kuleli, i-Electoral Commission (IEC), ithi kayigculisekile ngesenzo se-ANC sokungalandeli ngendlela imigudu yokuveza uxhaso lwayo olungaphezu kuka-R15 million.

Lokho kuza ngemuva kombiko ikhishwe yi-IEC, lapho ebeyiveza khona amaqembu ezombusazwe nemali yixhaso ayitholile kusuka ngo-April nonyaka kuya ekupheleni kukaJune. Kuloluhla iDA izihola phambili njengoba kuvele ukuthi ithole uxhaso olucela ku-R100 million, oluphuma kwizinkampani, izinhlangano ezingenzi nzuzo nosomabhizinisi abehlukene.

Kulolu hla, iDA ilandelwa yiActionSA okuthiwa ixhaswe ngo-R5.5 million, wusomabhizinisi oyigixabeze ngoR5 million nenkampani yaseFree State eyinike uR500 000. Elinye iqembu elithole uR5 million yi-Labour Party, okuthiwa liwuthole kwinyunyana iAmcu. I-IEC ithi ithole ukuthi i-ANC ithole uxhaso luka-R15 million kodwa kuningi okungagculisi ngalo.


“Kasigculisekile ngendlela ekuvezwe ngayo lolu xhaso. Phezu kwalokho ngesikhathi i-ANC isinika uhla lwabaxhasi bayo yafaka noxhaso eyaluthola ngonyakamali ophelile, nalapho amaphepha ayedingeka ayengaphelele. Ukungculiseki kwethu kuholele ekutheni sifune incazelo egcwele ngaalolu daba. Uma ihluleka wukuchaza sizophoqeleka ukuthatha izinyathelo ezinqala, okungaba wukuyibambela isabelomali esiphuma kwa-IEC noma ukuyisa eNkantolo yezoKhetho ihlawuliswe,” kusho i-IEC.


Ikhumbuzise amaqembu ezombusazwe ngokubaluleka kokwethembeka nokudalula lonke ixhaso lwemali alutholayo.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...