Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Imenenja yomculi kamaskandi uMjabulisi ichitha eyokudla imali yakhe

Imenenja yomculi kamaskandi uMjabulisi ichitha eyokudla imali yakhe

by | 19 January 2025

Uphika eyokudla imali yomculi kamaskandi uMjabulisi, uMnu Lindokuhle Dlomo, wamaHlolamvula Entertainment, ‘obeyimenenja yakhe’.

Lokhu kuza ngemuva kokuba lo mculi efake i-video kuFacebook, ethi usekhethe ukuzimela emculweni, ngoba exhoshwa yimenenja yakhe emalini.

UMjabulisi uthe ugcine engakwazanga ukuqopha i-albhamu ngonyaka odlule, ngenxa yazo izinkinga zemali. Uthi okumcasule kakhulu yimali yenkokhelo yokudlala emcimbini iMpucuzeko Maskandi Festival.

“Ngingomunye wabaculi abebengakhokhelekanga ngo-2023 no-2024. Ubhuti uMcineka (Xolani) uthe eseyifaka leyo mali yombili, obekumele ize kimi ngokwe-art, le nkampani yathi isuka yathi izothatha u-50% emalini engahlangene nayo,” esho.

UDlomo, othi ubuye abe ngumalume kaMjabulisi, uthe lo mculi ukhulunyiswa wukungayiqondi kahle indlela izinto ezihamba ngayo kulo mkhakha womculo. Uthe iningi imali yakhe engakaze ibuye njengoba izinto eziningi abezenzela umshana wakhe, ubezenza ngemali ephuma ephaketheni lakhe.

Uthi unobufakazi bayo yonke imali abeyisebenzisa naleyo abeyithumelela uMjabulisi, kodwa ngeke avele abufake ezinkundleni zokuxhumana.

“Kayikho into ebengiyenza ngingedwa, bengihlangana ngibonisane naye. Izinto eziningi bengizenza ngemali yami ngoba bengilwela ukumphakamisa, ngimfake ebantwini. Ngisho eya emicimbini ubehamba ngemoto ehloniphekile, ayiqhashelwe yimina,” esho.

Uthi ngokwakhe uMjabulisi akesulile enkampanini yakhe.

“Ngonyaka odlule kuthe sengikhokhile eTakk Studio (eGoli), kumele ayoqopha, wahamba wathi bayo-rehaersa eMzimkhulu, kanti bayokwenza i-EP (esihloko sithi Ekugcineni), wayikhipha ingenalo igama lenkampani yami,” esho

UDlomo usole lo mculi nangokumhlasela emzini wakhe oKwaMashu, ehamba nabanye besilisa, baze bashaya balimaza umfana wakhe.

“Ngomhla ka-8 kwephezulu, batheleka kwami bangixakazisa, bathi ngidla imali kaMjabulisi. Kwagcina sekuliwa, baze balimaza umfana wami, bamkhahlela waqhuma umlomo.”

Uthe icala kabalivulanga emaphoyiseni ngoba bebelindele ukuthi kuxoxiswane njengomndeni.


UMjabulisi ugcine engayiphendulanga imiyalezo athunyelelwe yona yiLanga mayelana nokwesula kwakhe nesigameko sokuhlaselwa kukaDlomo.

Ezisematheni

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

Kuphelile ukuqagela ngekusasa likaNdlozi kwipolitiki yaseMzansi

UPHUMELE obala okokuqala ngemuva kwezinkulumo ezike zasabalala ngaye uDkt Mbuyiseni Ndlozi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ze-SABC ngeSonto. UNdlozi udalule usethathe isinqumo sokuhoxa kwipolitiki yamaqembu kodwa usaqhubeka nokusebenzela umphakathi kodwa ngendlela...

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

Umndeni kaSosayensi ucela ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni

UMNDENI kaSosayensi waKwaNongoma, uNkz Senamile Masango, usubhalele uMongameli uMnu Cyril Ramaphosa incwadi ucela ukuba ahlonishwe ngomngcwabo kahulumeni wesigaba sesibili. Umndeni waKwaMasango uthi likhulu iqhaza elibanjwe yindodakazi yabo emkhakheni wezemfundo...

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

Amazwi enduduzo kudlula okewaba nguMengameli waseNamibia

UCHAZWE njengom-Afrika obethanda izwe lakhe uDkt Sam Shafishuna Nujoma, owaba nguMengameli wokuqala wezwe laseNamibia ngemuva kwenkululeko yalo ngomhlaka 21 kuMarch wango 1990. Udlule emhlabeni esesibhedlela eWindhoek ngoMgqibelo ebusuku. Wakhethwa waba nguMengameli...