Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Imenenja yomculi kamaskandi uMjabulisi ichitha eyokudla imali yakhe

Imenenja yomculi kamaskandi uMjabulisi ichitha eyokudla imali yakhe

by | 19 January 2025

Uphika eyokudla imali yomculi kamaskandi uMjabulisi, uMnu Lindokuhle Dlomo, wamaHlolamvula Entertainment, ‘obeyimenenja yakhe’.

Lokhu kuza ngemuva kokuba lo mculi efake i-video kuFacebook, ethi usekhethe ukuzimela emculweni, ngoba exhoshwa yimenenja yakhe emalini.

UMjabulisi uthe ugcine engakwazanga ukuqopha i-albhamu ngonyaka odlule, ngenxa yazo izinkinga zemali. Uthi okumcasule kakhulu yimali yenkokhelo yokudlala emcimbini iMpucuzeko Maskandi Festival.

“Ngingomunye wabaculi abebengakhokhelekanga ngo-2023 no-2024. Ubhuti uMcineka (Xolani) uthe eseyifaka leyo mali yombili, obekumele ize kimi ngokwe-art, le nkampani yathi isuka yathi izothatha u-50% emalini engahlangene nayo,” esho.

UDlomo, othi ubuye abe ngumalume kaMjabulisi, uthe lo mculi ukhulunyiswa wukungayiqondi kahle indlela izinto ezihamba ngayo kulo mkhakha womculo. Uthe iningi imali yakhe engakaze ibuye njengoba izinto eziningi abezenzela umshana wakhe, ubezenza ngemali ephuma ephaketheni lakhe.

Uthi unobufakazi bayo yonke imali abeyisebenzisa naleyo abeyithumelela uMjabulisi, kodwa ngeke avele abufake ezinkundleni zokuxhumana.

“Kayikho into ebengiyenza ngingedwa, bengihlangana ngibonisane naye. Izinto eziningi bengizenza ngemali yami ngoba bengilwela ukumphakamisa, ngimfake ebantwini. Ngisho eya emicimbini ubehamba ngemoto ehloniphekile, ayiqhashelwe yimina,” esho.

Uthi ngokwakhe uMjabulisi akesulile enkampanini yakhe.

“Ngonyaka odlule kuthe sengikhokhile eTakk Studio (eGoli), kumele ayoqopha, wahamba wathi bayo-rehaersa eMzimkhulu, kanti bayokwenza i-EP (esihloko sithi Ekugcineni), wayikhipha ingenalo igama lenkampani yami,” esho

UDlomo usole lo mculi nangokumhlasela emzini wakhe oKwaMashu, ehamba nabanye besilisa, baze bashaya balimaza umfana wakhe.

“Ngomhla ka-8 kwephezulu, batheleka kwami bangixakazisa, bathi ngidla imali kaMjabulisi. Kwagcina sekuliwa, baze balimaza umfana wami, bamkhahlela waqhuma umlomo.”

Uthe icala kabalivulanga emaphoyiseni ngoba bebelindele ukuthi kuxoxiswane njengomndeni.


UMjabulisi ugcine engayiphendulanga imiyalezo athunyelelwe yona yiLanga mayelana nokwesula kwakhe nesigameko sokuhlaselwa kukaDlomo.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...